YIZE ukudayiswa kwezimoto eNingizimu Afrika ngenyanga edlule kwehlile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo sangonyaka odlule kodwa kungcono kunangoJuni.
Izibalo ezikhishwe yiNational Association of Automobile Association of South Africa (Naamsa) zikhomba ukuthi isibalo sokuthengwa kwezimoto ngoJuni sehle ngo-13 646 noma u-26.6% uma siqhathaniswa noJulayi wonyaka odlule. Zibe ngu-32 396 izimoto ezidayisiwe kanti nyakenye zazingu-46 042.
Uma kuqhathaniswa noJuni kungcono ngoba izimoto ezadayiswa zazingu-31 867 nokuyisibalo esehle ngo-30.7% owadayiswa ngoJuni wonyaka odlule.
INaamsa ithe nesibalo sezimoto ezithunyelwa ngaphandle sehlile njengoba zibe ngu-24 706 kanti ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule zazingu-35 087. Lokhu kusho ukwehla ngo-10 381 noma u-29.6%.
Kuzona zonke izimoto ezingu-32 396 ezidayisiwe, zilinganiselwa ku-30 325 noma u-93.6% ezithengwe emagaraji, ezingu-3.1% kube ngezezinkampani, u-2.9% wathengwa nguhulumeni bese kuthi ezilinganiselwa ku-0.4% zathengwa yizinkampani eziqashisa ngezimoto.
Isibalo sezimoto ezincane sehle ngo-10 552 noma u-35.8% sisuka ku-29 457 owadayiswa ngoJulayi ngonyaka odlule zaba ngu-18 905 kulo nyaka.
INaamsa ithe lokhu kungenxa yemithetho ekhona embonini yezokuvakasha njengoba imboni eqashisa ngezimoto ithenge kancane uma kuqhathaniswa kunanyakenye.
Amaveni, amatekisi athengiwe abe ngu-11 123. Lesi yisibalo esehle ngo-2 736 noma * -19.7% uma kuqhathaniswa no-13 859 wangoJulayi ngonyaka odlule.
Isibalo sezimoto ezithunyelwa ngaphandle sehle ngo-10 381 noma u-29.6% uma kuqhathaniswa no-35 087 wangonyaka odlule.
NgokweWesbank, nazi izimoto ezidayise kakhulu:
Toyota Hilux - 3 575
Ford Ranger - 1 987
Volkswagen Polo - 1 745
Volkswagen Polo Vivo - 1 474
Isuzu D-Max - 1 340
Renault Kwid - 541