SEKUWUMLANDO ukuthi izinkampani eziningi zisembhidlangweni wokonga imvelo ngokukhiqiza izimoto ezingayingcolisi nokuyingakho ziya ngokwanda ezihamba ngezinjini ezisebenza ngamabhethri, hhayi uphethroli noma udizili.
Ezinye zazo, njengeVolvo, zithatha imfucuza ziyisebenzise kabusha ukwakha izimoto zazo.
Engqungqutheleni ye-United Nations ngo-2015 kwaba nesivumelwano sokuthi kushaye u-2050 sekubhalansile ukuthi umhlaba ukhiqize isisi esingcolisa imvelo ophinde ukwazi ukusimoma okubizwa nge-carbon neutrality.
Ngokwe-International Energy Agency, imboni yezokuthutha ngo-2020 ibe nesandla esingu-28% ekukhipheni isisi engcolisa imvelo i-CO2.
Yingakho izinkampani zizibophezele kulokhu kokungayingcolisi imvelo kusuka emafemini ezikhiqiza kuwo izimoto ngokufaka ugesi welanga nophehlwa ngezinye izindlela kuya ezimotweni ezakhiwayo ezinciphisa isisi esingcolisayo.
NeNingizimu Afrika ayisele ngaphandle kulokhu.
Isikhulu sakwaToyota South Africa Motors, u-Andrew Kirby, sikhuluma embuthaneni iState of the Motor Industry (Somi) eGoli, ekuqaleni konyaka siveze ukuthi ukuthengwa kwezimoto ezonga imvelo, amaNew Energy Vehicle (battery, plug-in hybrid nama-fuel cell electric vehicles) kunyuke ngo-65% ngo-2023. Sezizonke ezidayisile zibe ngu-7 693 futhi u-84% wazo kube ngama-hybrid.
UKirby wathi bewuToyota bafuna ukuvikela umhlaba, hhayi kuphela ngezimoto kodwa kusuka ezintweni abazisebenzisayo ukwakha izimoto, indlela abakha ngayo, izinjini abazifakayo, indlela abazidayisa ngayo nokuthi bayilahla kanjani imfucuza.
Wathi izimoto ezihamba ngamabhethri (battery electric vehicles (BEVs)) akuzona kuphela eziyimpendulo kodwa bazobheka zonke ezinye izindlela.
“Kwamanye amazwe amaBEVs ayimpendulo kodwa kwamanye afana nawethu kumele sazi ukuthi sizokwazi ukuba nalobu buchwepheshe uma ingqalasizinda yethu isiyandile. Okokuqala nje, sinezindawo ezincane zokushaja izimoto (zingu-267 ezweni lonke, eziningi zisemadolobheni amakhulu),” kusho uKirby.
Wathi kwaToyota bakholwa wukuthi ama-hybrid aneqhaza elikhulu angalibamba.
Kungalesi sizathu bezibophezele ekutheni kushaye u-2025 okungenani u-20% wezimoto abazidayisa kuleli kube ngamaNew Energy Vehicles.
Ayini ama-hybrid?
Ama-hybrid yizimoto ezisebenzisa izinto ezingaphezu kweyodwa ukuthola amandla. Ngokujwayelekile kuba yinjini kaphethroli okanye ekadizili ibambisene nekagesi webhethri.
Ama-hybrid kwawona ahlukene. Kukhona amaMild hybrid asebenzisa ibhethri elincane njenge-48V. Asiza injini ngokwengeza amandla kancane nokonga kuphethroli noma udizili. KwiToyota Hilux neToyota Fortuner 48V ezisanda kwethulwa yehlisa ukuduma iphinde isize ukuthi icishe ibuye izidumele uma umile nabathi kwenza yonge. Yengeza namandla enjinini.
Ama-hybrid wona aba nenjini kaphethroli nenjini kagesi enkudlwana ekwaziyo ukuthi ithwale imoto ibanga elifishane futhi ibhethri liyazishaja uma ubhreka nasezindaweni ezehlelayo. Lokhu kusiza ukonga kuphethroli.
Kuphinde kube nama-plug-in hybrid wona asebenzisa uphethroli aphinde abe nebhethri elikhudlwana okumele ulixhume kugesi ushaje. Kuya ngebhethri lakho kodwa ngogesi wodwa uhamba ibanga elithe xaxa kokunye ugcine ungawuthintanga nhlobo uphethroli okunye uma sekuphele ibhethri noma udlula esivinini esithile bese iyaduma ekaphethroli.