NJENGOBA abafundi bebuyele esikoleni kuleli sonto, kumele abashayeli balindele izinguquko emigwaqweni.
Ingcabha isele kubashayeli ukuthi bacabangele izingane futhi bagweme imikhuba engadala ukuthi kube nezingozi ezinganeni ngoba zona aziyazi imithetho yomgwaqo.
Umphathi weMasterDrive u-Eugene Herbert, ukhiphe uhlu lwezimo okumele zibhekwe ngabashayeli:
- Izingane ezicashe emuva kwemoto ethutha umphakathi
Uma zehliswa emotweni, izingane zingacasha emuva kwemoto yomphakathi.
"Ngaphezu kwalokhu, maningi amathuba okuthi zingene emgwaqweni ngaphandle kokuqalaza. Uma usondela ngasemotweni yomphakathi ngasesikoleni, hamba kancane uqalazisise ngaphambi kokusondela futhi ulindele ukuthi kungaqhamuka ingane kungazelele."
- Izingane ezihamba ngamabhayisikili
Izingane ezihamba ngamabhayisikili uma ziya esikoleni, zingase zingene emgwaqweni noma zenze iphutha elingaba nobungozi uma umshayeli enganakile.
"Shiyela abahamba ngamabhayisikili isikhala esingaphezu kuka-2m futhi unciphise ijubane uma uzobadlula. Lindela ukuthi izingane ezihamba ngamabhayisikili zinga yiqoqo futhi zenze amaphutha. Ziningi izingane ezihamba ngezinyawo ezingase zenze amaphutha, ngokungaboni kahle isivinini nebanga lemoto uma ziwela umgwaqo. Kunalokho umshayeli kumele athathe izinqumo ezizowavumela lawa maphutha ezingane."
- Hlonipha imithetho yomgwaqo
IMasterDrive iphakamisa ukuthi uhambe nejubane lika-30km/h noma ngaphansi uma ungasesikoleni.
"Hlonipha imithetho yomgwaqo nabalawula izingane emgwaqweni ukuze kungabi khona ngane encishwa ithuba lokufunda ngenxa yengozi.