IMOTO: RENAULT KOLEOS
Isigaba samaSport Utility Vehicle namaCrossover yisona esivale unyaka odlule, sizihola phambili ngokudayisa kakhulu futhi nanjengoba unyaka uqalile nje, izimoto ezikuso zithengwa ubuthaphuthaphu.
Kuminyene utshumo kumaSUV aphakathi nendawo ngobukhulu. IRenault Koleos esihamba ngayo ibhekene neHyundai Tucson, Kia Sportage, Mazda CX5, VW Tiguan, Toyota Rav4, Haval H6, Citroen C5 Aircross futhi ungafaka neBaic Beijing X55 nezinye.
Njengoba umbango wabathengi udla lubi nje, kwaRenault bayishintshe lapha nalaphaya ukuze ihlale isemqondweni wabantu futhi ihehe.
Ngaphambili inama-LED daytime running lights amise okuka-C ayenza igqame emini. Namalambu ayo nawo angama-LED.
I-chrome okuphicwe ngayo kwi-grille ingenye yezinto ezengeza ubuhle. Le chrome igudla nasezinhlangothini emawindini, isezibanjeni zezicabha ize iyoshaya ngemuva nakubhampa ngezansi.
Amarimu angu-18 inch nawo ayagqama ezinhlangothini. Igabade ilishiye ngo-210mm.
Uma usondela kuyo ukhiye usephaketheni iyazivula noma usuka futhi iyazikhiya.
Ngaphakathi into oyiqaphelayo wubukhulu bayo. Abanye baze babuze ukuthi ayilayishi yini abagibeli abayisikhombisa.
I-wheebase ingu-2,704mm nokusho ukuthi inkulu kuneyeKia Sportage (2 680mm), VW Tiguan (2 678mm), Toyota Rav 4 (2 690mm). Ingaphansi kodwa kuneyeCitroen C5 Aircross (2 730mm) neBaic Beijing X55 (2 735mm).
Ubukhulu be-wheelbase benza abagibeli bahlale ngokukhululeka ngaphakathi akekho okhala ngokumpintsheka.
Uma uvula ibhuthi ngogesi, ufica isikhala esingu-464 litres. Sincane kuneseC5 Aircross yona ephethe 720 litres. Uma ulalise izihlalo zangemuva nokho iKoleos iba nesikhala esingu-1 700 litres.
Zikhona nezinye izindawo zokubeka izinto ezinjengezigubhu zamanzi ngaphakathi. Iziphuzo uyakwazi ukuziqandisa noma ukuzifudumeza.
Enakho kuhlangaisa izihlalo zesikhumba ngaphambili ozihlela ngogesi, yizindawo zokushaja nge-USB ngemuva, izindawo zokukhipha umoya we-aircon ngemuva, ambient lighting ne-Automatic dual-zone climate control.
Ine-touchscreen infotainment system eveza inkombandlela, udlala umsakazo (izipikha zikhala kamnandi) futhi uxhuma neselula nge-Apple CarPlay. Uma upaka ikuvezela lonke ingaphandle bese kuthi uma uzoshayisa uzwe ngomsindo ezipikheni ukhala ngalapho osondele ngakhona kakhulu.
Injini ehamba ngayo kuseyi-2.5 litre kaphethroli. Inamandla angu-126kW ne-torque engu-233Nm. Isebenzisa u-gearbox ongumshini ozishintshayo oyiCVT.
Intofontofo emgwaqweni yize injini engathi ungayithi thasi ngamandla noma nge-turbo ukuze ubone isivinini sinyuka ngokushesha uma unyathela.
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-8.1 ngo-100km. Kimi ibidla angu-11.7/100km kodwa ibiseyintsha ingakahlanganisi ngisho u-1 000km.
Emgwaqweni uyayikhetha ukuthi ufuna idonse ngamaphi amasondo. Uma uthanda uyenza ukuthi idonse ngawangaphambili kuphela. Mina bengiyifaka ku-auto.
Lapho idonsa ngawangaphambili kodwa uma kunesidingo njengasemakhoneni ukuze ibhalanse kahle, ibiwathumela amandla nangemuva.
Uma uthanda futhi uyenza ukuthi idonse ngawo wonke amasondo kanye kanye. Iphinde ibe neHill Decent Control uma usendaweni eyehlelayo obhuqwini.
Okunye okuhle ngayo wukuthi yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ezokuphepha ngabe-Euro NCAP.
Intengo:
RENAULT KOLEOS DYNAMIQUE CVT 4X4 - R634,999
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-anticorrosion warranty yeminyaka eyisithupha.