IMOTO: KIA TASMAN
Isigcine iveziwe iKia Tasman, okuyiveni yokuqala yale nkampani osekunesikhashana kubikezelwa ukuthi isendleleni.
KwaKia eNingizimu Afrika bathe babheke ukuthi lethulwe ngohhafu wesibili ka-2025 leli veni kuleli.
Isikhulu seKia, uHo Sung Song, sithe bayenze ngoba befuna ukushintsha imakethe nokuba yimpendulo ezidingweni zamakhasimende.
Ihlukene ngezinhlobo njengoba kukhona eyi-single cab, chassis cab ne-double cab. Kukhona enamarimu angu-17 inch neno-18 inch. Ukuphakama kugcina ku-252mm nokwenza ikwazi ukuhamba emanzini afika ku-800mm.
Isikhenke bathi siku-1 512mm ubude futhi sikwazi ukulayisha isikhala esingu-1 173 litres. Lokhu kwenza ikwazi ukuthwala isisindo esingu-1 195kg nokudonsa esingu-3 500kg.
Ifika nemibala eyisishiyagalolunye ehlukene amakhasimende akhetha kuyo.
Ngaphakathi inama-screen amakhulu angu-12.3 inch amabili e-digital instrument cluster nese-infotainment. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto. Uma uthanda uyakwazi ukufaka nezipikha zeHarmon Kardon.
Okunye enakho yitafula eligoqekayo, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, isikhala sokubeka ngaphansi kwezihlalo zangemuva nokunye. Bathi ivulekile futhi izihlalo zangemuva ziyakwazi ukuqethuka ngo-22 no-30 degrees.
ITasman double cab ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyi-base, X-Line neX-Pro.
Inezinhlobo ezahlukene zezinjini kodwa e-Afrika bathi amakhasimende azokhetha phakathi kwengu-2.5 litre kaphethroli okanye engu-2.2 litre kadizili. Zombili zino-gearbox oyi eight-speed automatic futhi uma uthanda uyakwazi nokukhetha oyi-6 speed manual kwi-2.2 litre.
Eyi-2.5 litre inamandla angu-207kW ne-torque engu-421Nm kuthi engu-2.2 litre yona ibe nangu-154kW ne-torque engu-441Nm.
Inama-drive modes ahlukene okukhona kuwo u-Eco, Smart noSport. Ezidonsa ngamasondo womane ziphinde zibe noDesert, Mud, Snow noRock. Okunye ezinakho yi-Electronic Locking Differential ngemuva.
Eminye imininingwane ngayo izoqinisekiswa uma isiyethulwa kuleli.