IFORD Ranger ingenye yezimoto ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika.
Yize kunjalo kodwa iFord Motor Company of Southern Africa, ayisongile izandla kunalokho iyaqhubeka nokwenza izindlela zokuyithuthukisa ukuze ihehe kubathengi futhi iqhubeke nokuba yintandokazi.
Bathathe iRanger XL bayifaka isport pack esishintsha indlela ebukeka ngayo baphinde bengeza ngokuningi kuyo. Ukuyenza ihluke kuneXL ejwayelekile, ifika negrille emnyama engathi iyacwebezela, amarimu angu-17 inch amnyama, tubular sports bar ngemuva nobhampa omnyama.

Ebesihamba ngayo ibinesitebhisi sokugibela eceleni osifaka uma uthanda nesenza kube lula ukugibela ngoba iphakeme, yabe isifakwa nopende wokuvikela isikhenke. Ngaphakathi uyakwazi ukususa iSYNC1 esikhaleni sayo ufake i-infotainment system engu-8 inch touchscreen. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto.
Inamawindi kagesi ngaphakathi, aircon, nesikhala esikahle sabagibeli. Ukungabikhona kolayini abaqeda inkungu ewindini langemuva namasensor asiza uma upaka kuyakukhumbuza ukuthi iXL Sport yiveni elifana neXLT, Wildtrak, Thunder neRaptor.
Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-2.2 litre enamandla angu-118kW netorque engu-385Nm. Ihamba ngogearbox oyi-6 speed ozishintshayo. Ihamba kamnandi emgwaqeni futhi intofontofo nokuyinto amaveni akwaFord agabe ngayo.
Noma uyifaka obhuqwini ayinankinga kwazise yi-4x4 futhi asikho nesidingo sokuma uma uyishintsha ku-2H uyifaka ku-4H. Iphinde ibe no-4L nediff lock. Ngo-100km ibidla amalitha kadizili angu-9.6.
Ezokuphepha enazo kubalwa ihill launch assist, roll-over mitigation, ABS ne-electronic brakeforce distribution, traction control, hill descent control nokunye.
Intengo
R559 500
Ifika neservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu necorrosion yeminyaka emihlanu.