IMOTO: CITROËN C3
INTANDOKAZI yemoto yakwaCitroën okuyiyo edayisa kakhulu, iC3 ithuthukisiwe ngenhloso yokuqhubeka nokudoba abathengi.
Isesigabeni sama-hatchback amancane lapho ibanga khona abathengi nezimoto, okukhona kuzo iVW Polo, Hyundai i20, Kia Rio nezinye.
I-C3 okungeyesizukulwane sesithathu ekhona emakethe, yethulwa ngasekupheleni kuka-2016.
Uma iqhamuka uzoqaphela ingaphambili elishintshiwe, bese kuba namaLED headlights, LED daytime running lights, ama-fog lights kwiShine futhi nangemuva inamalambu angamaLED.
Ifika nemibala emisha eyisithupha, okwazi ukuthola kuyo nokhakhayi oluhlukile umbala.
Ngaphakathi izihlalo zintofontofo futhi kwaCitroen bathi bathuthukise nendlela onciphe ngayo umsindo ongenayo. Isikhala ebhuthini singu-300 litres.
Inezinto eziningi njengamarimu aphakathi kuka-15 inch no-16 inch, ama-wiper azishayayo uma lina, ama-sensor asiza uma upaka ngemuva, 7 inch touchscreen okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto. Iyasho uma umshayeli engasanakile, ine-cruise control nokunye. Konke kuya ngenhlobo yakho njengoba zihlukene kabili, kuyiShine neFeel.
Izinjini zihlukene kabili. Kukhona i-1.2 PureTech enamandla angu-60kW ne-torque engu-118Nm futhi engenayo i-turbo. Uyithola kwiFeel kuphela futhi isebenzisa i-gearbox eyi-5 speed eshintshwayo. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-5.7.
EkwiShine nayo ingu-1.2 litre kodwa umehluko wayo wukuthi ine-turbo futhi inamandla athe xaxa njengoba engu-81kW. Itorque yayo ingu-205Nm futhi usebenzisa i-gearbox ezishintshayo eyi-6 speed. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.
Ngesikhathi yethulwa sithole ithuba lokushayela iShine. Ihamba kamnandi intofontofo futhi amandla ezwakala ekwazi ukuyithwala bese iyathula ngaphakathi, uwuzwe kancane umsindo wenjini engu-3 cylinder.
Ngakwezokuphepha izinto enazo ngamabhreki e-ABS, EBA, EBD, TCS ne-ESP. Ayihlehli uma isuka entabeni, ine-central locking, ama-airbag ngaphakathi futhi iyasho uma kunesondo elehlelwe wumoya.
Intengo
Amanani
C3 1.2 Pure Tech Feel 60kW 5MT MY21R 269 900.00
C3 1.2 Pure Tech Shine 81kW S&S EAT6 MY21R 324 900.00
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.