IMOTO: MAHINDRA X3O
NGENDLELA isikhathi esishesha ngayo ungathi iMahindra yinkampani okukade yaba khona eNingizimu Afrika kanti yima ihlanganisa iminyaka engu-20.
Le nkampani yase-India ifike ngezimoto ezahlukene okubalwa kuzo i-Bolero, XUV500. Ezinye zezimoto zayo ezinjenge-TUV300 wawungeke uzibale uma kuthiwa beka uhla lweziheha ngobuhle.
Izinto zishintshile sekufika i-XUV300 okuyi-SUV encane eyangenza ngaba nothando lwezimoto zakwaMahindra ikakhulukazi ngokubukeka kwayo nangendlela eyayihamba ngayo emgwaqeni njengoba yayinenjini eyongayo kadizili. Njengamanje kusele i-XUV300 eyi-panel van hhayi leyo yokuthutha abagibeli.
Isikhala sayo sivalwe yi-3XO ebukeka iyinhle futhi inenqwaba yezinto efika nazo ukuze ihehe.
Empeleni yiyo enomsebenzi wodoba amakhasimende ukuthi angene emagaraji akwaMahindra uma efuna ama-SUV ngoba yiyona encane futhi ebiza imali ephansi kwazise iqala ku-R254 999. Ihamba ize iyoshaya ku- R404 999 okuyintengo ye-AX7L automatic esihamba ngayo.
Intengo yayo iyenza incintisane nezimoto okubalwa kuzo iSuzuki Fronx, Nissan Magnite, Toyota Starlet Cross, Kia Sonet, Toyota Urban Cruiser nezinye.
Ngaphandle iqoqeke kahle futhi iyabukeka. Amalambu ngaphambili ame isitayela futhi angama-LED. Nangamemuva amalambu angama-LED.
Okuphelelisa ukubukeka kwayo ngaphandle ngamarimu angu-17 inch bese iba nama-roof rails kanjalo nokushiya kwayo igabade ngo-201mm okuqinisekisa ukuba yi-SUV kwayo.
Ngaphakathi ivuleke kahle kwabafuna i-SUV encane njengoba ine-wheelbase elingana ncimishi neye-Urban Cruiser engu-2 600mm. Ngibone kuhlaleka nasezihlalweni zangemuva, ezingathi ziyisikhumba, kungekho ukumpintsheka okutheni ikakhulukazi kwamadolo.
Izimpahla nazo zinesikhala kwazise ibhuthi ingu-364 litres. Uma uyiphakamisa kunesondo eliyisipele nokuyinto enhle.
Kodwa ngaphandle kwesikhala into eheha ngayo ngaphakathi yindlela eyakhiwe ngayo kanjalo nenqwaba yobuchwepheshe obufakiwe.
Njengoba sekungene ihlobo nje, bengivele ngizivulele i-sunroof ngizibukele isibhakabhaka.
Ngaphambili kune-touchscreen infotainment system engu-26.03cm. Uma ungumuntu othanda umsindo kuzokujabulisa ukuzwa ukuthi bayifake izipikha zeHarman Kardon.
Yilapho futhi uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, uveza ingaphandle njengoba inamakhamera umzimba wonke nokunye.
Kukhona nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, nezimbobo ezintathu zokushaja nge-USB – ezimbili ngaphambili neyodwa ngemuva nokuyinto enhle.
Uma uthi nhla phezu kwesiteringi kune-digital instrument cluster. Ayigcini kuphela ngokuveza ijubane, uphethroli nokunye kodwa yilapho futhi uyisetha khona izinsiza zakho njengomshayeli.
Usebenzisa amabhathini asesiteringini ukuyihlela. Ukucima nokuvula ukuthi ihlale emzileni ukwenza khona. Njengomuntu ongabukhonzile kakhulu lobu buchwepheshe ngoba bufuna ukukubuyisa ngisho kukhona into oyivikayo bengivele ngibuvale. Inkinga wukuthi uma imoto ike yama usuyidumisa kabusha buyabuya futhi.
Obunye ubuchwepheshe enabo obuqinisekisa ezokuphepha wukuthi isho uma izoshayisa iphinde ibhreke.
Erobhothini iyazicima ukonga uphethroli kodwa uma ususuka kuvele kube ngathi uyidumisa kabusha kucishe ngisho amalambu nokuyinto engingayithandi, ikakhulukazi ebusuku.
Injini ehamba ngayo ingu-1.2 litre turbocharged kaphethroli. Inamandla angu-82kW ne-torque engu-200Nm kanti bayifake u-gearbox oyi-6 speed auto.
Ibihamba kahle emgwaqeni kungekho okukhalisayo ngayo. Indlela edla ngayo uphethroli yiyo ebengiyibheke ngabomvu njengoba ingekho injini kadizili nje.
Ihambe idla amalitha angu-8.1 ngo-100km nokuyinto ebingeyimbi kakhulu ngoba isikhathi esiningi ngisichithe ngizulazula edolobheni.
IMahindra iyandlondlobala njengokusho kwesiqubulo sayo esithi “rise” futhi i-3XO ilinyuse kakhulu izinga ngeke kungimangaze ukuyibona yanda emgwaqeni ngoba ingena khaxa embangweni ngisho kwezaseChina ezingenisile.
Intengo:
1.2T AX7L AT - R404 999
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.