IMOTO: KIA SPORTAGE
Kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-30 iKia Sportage yaqala ukwethulwa emhlabeni jikelele.
Muva nje eNingizimu Afrika kwethulwe entsha nokuyinhlobo yesihlanu. Ubudala bayo budweba isithombe sokuthi kwaKia sebeneminyaka beyidayisa futhi bethola nezimvo zamakhasimende ukuze ibe yimoto engcono.
Ngingasho ngingananazi ukuthi linyuke kakhulu izinga kwentsha. Kusuka kwindlela ebukeka ngayo, indlela ehamba ngayo emgwaqeni kuya ezintweni enazo.
Ihlukene ngezinhlobo ezinhlanu futhi engumakhonya kuzo yiGT-Line S, nokuyiyo esihamba ngayo.
Ngeke ungayiqapheli uma iqhamuka.
Amadaytime running lights amise okukaC ayenza igqame nasemini. Empeleni wonke amalambu ayo angamaLED nokwenza ikhanyise kahle ubone konke ngisho nasebusuku.
Inamarimu angu-19-inch futhi okuhle ukuthi nesipele siwusayizi ofanayo.
Ingaphandle lilonke ngendlela eyakhiwe ngayo namacriss emzimbeni.
Ngaphakathi nakhona izinga liphezulu futhi ivulekile.
Iwheelbase yayo ingu2 860mm. Kokhu kwenza abagibeli abahlanu babe nesikhala esanele kanjalo nebhuthi enkulu.
Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili ziyakwazi ukubanda nokufudumala kanti ezangemuva zifudumala kuphela.
Enye into engiyithandayo ukuthi njengomshayeli uyakwazi ukuhlela isihlalo esiseceleni ngale kokulula isandla ngoba kunamabhathini aseceleni kwaso eduze.
Ingaphambili alinamabhathiini amaningi kunalokho kunetouchscreen infotainment system enkulu. Ibukeka kahle ngathi ihlangene nedigital instrument cluster.
Kwi-infotainment uxhuma iselule nge-Apple CarPlay, udlala umsakazo, uhlela khona i-aircon nokunye.
Lapho uhlela khona aircon ngezansi uyashintshe kube yilapho uhlela khona umsakazo uma uthanda.
Isiteringi, esibuye sishisise uma uthanda sinamabhathini okushintsha okubona kwi-instrument cluster.
Ingaphakathi lonke balenze kahle isikhala sikhona nesokubeka iziphuzo. Nezindawo zokushaja nge-USB zikhona ngaphambili nangemuva.
ISportage le ngiyibona incintisana kahle neVW Tiguan R-Line ngokwezinto enazo.
ITiguan nayo inamarimu angu-19 inch, izihlalo ezifudumalayo ngaphambili, digital instrument cluster nokunye. Izinto ezifana nepanoramic sunroof, iSportage efika nayo, ne-adaptive cruise control kumele ukwengezele imali. Enakho ngaphezu kweSportage ngamandla ngoba injini yayo ingu-2.0 litre futhi ifuqa 165kW.
EyeSportage ngakolunye uhlangothi ingu-1.6 litre turbo kaphethroli.
Inamandla angu-132kW ne-torque engu-265Nm. U-gearbox uyi-7 speed dual-clutch transmission.
Ihamba kahle emgwaqeni kuyasho ukuthi yimoto yomndeni.
Igabade ilishiye ngo-170mm nokwenza umgwaqo uwubone kahle.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-8.2 ngo-100km ethangini elingu-54 litres.
Isikhulu sakwaKia kuleli uGary Scott sathi iyimpendulo kulabo abasuka ezimotweni eziwubutsetse njengoBMW kodwa asebefuna imoto ebiza kangcono. Ngivumelana naye ngoba izinga liphezulu futhi linakho konke okudingayo. Kungani ungafuna ukuthenga imoto ewubutsetse kodwa eyisekeni ekubeni ikhona le?
Intengo:
R 749 995
Ifika neservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, roadside assistance yeminyaka emihlanu newarranty yeminyaka emihlanu.