IMOTO: AUDI RS 3 SPORTBACK
KULO msebenzi wethu sithola ithuba lokushayela izimoto eziningi ezahlukene futhi umbuzo ohlale ungasali kubantu owokuthi iyiphi imoto engiyithandayo kuzo zonke.
Kuye kube nzima ukuphendula ngoba ziningi futhi zihlukene ngezigaba zazo. Ngiyakhumbula ngo-2018 usuyosongwa khona owangibuza ukuthi iyiphi engiyithandile ngalowo nyaka.
Yize kwakunizma ukusho kodwa i-Audi RS 3 Sedan ngayibala nezimoto engazithanda. Ngaleso sikhathi yayinenjini yodumo engu-2.5 litre TFSI eyifive-cylinder. Amandla ayengu-294kW netorque engu-480Nm. Indlela eyayithumela ngayo amandla, ukuduma kwayo nokubambelela yizinto ezayenza yayithola indawo enhliziyweni yami.
Kwethulwe entsha manje iRS 3. Njengasekuqaleni, ihlukene ngezinhlobo ezimbili – yiSportback okungeyesithathu neSedan okungeyesibili.
Kulokhu bengingahambi ngeSedan kodwa ngeSportback. Umuzwa enganginawo ekuqaleni ngale moto namanje usakhona ngoba abayonanga kunalokho bayenze yaba ngcono kakhulu.
Indlela ebukeka ngayo ngaphandle iyawadonsa amehlo ikakhulu ngoba inemibala egqamile abantu abakhetha kuyo. Esihamba ngayo inombala obizwa ngoTango Red Metallic.
Igrille ngaphambili bayenze yaba nkulu futhi ngezansi awusekho umbhalo wequattro, njengasekuqaleni, osho ukuthi idonsa ngamasondo amane.
Amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva. Ezinhlangothini ngathi iqumbile ngaphambili emakhwapheni amasondo. Amasondo anamarimu angu-19 inch. Okhakhayini imnyama kwazise kunepanoramic sunroof. Ngemuva izinqawe ezimbili, ezinkulu njengasekuqaleni, zisekhona.
Ubuhle obungaphandle nangaphakathi uyabuthola. Okokuqala nje, uma uvula isicabha ibhala uRS phansi futhi nakwi-door sill iyakhaya lapho iqoshwe khona igama layo.
Inezihlalo eziyisikhumba ezinezitsihi ezibomvu futhi eziqoshwe uRS 3.
Igiya elide alisekho kodwa sekukhona eliyisinqamu njengakwi-A3 nakwiVW Golf.
Itouchscreen infotainment system bayibeke eduze nomshayeli ayisekho phezulu njengakuqala. Yilapho usetha khona imoto, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, ubona inkombandlela futhi udlala nomsakazo. Izipikha ngezigqomayo zeBang & Olufsen.
Okumnandi ukuthi isiteringi sisafana njengasekuqaleni siyindwangu futhi asisekho nesincane isikhumba. Sinomugqa obomvu phezulu ukuze ubone ukuthi sijike ngakuphi.
Isiteringi lesi, sigcwala kamnandi esandleni futhi noma unenkinga yokujuluka izandla, soze sikuphunyuke ngoba asisheleli.
Uyadinga impela ukusibambisisa ngoba ingumangqasha emgwaqeni.
Injini isafana njengasekuqaleni kodwa umehluko ukuthi inyuswe itorque yaba ngu-500Nm.
Ugearbox uyi-7 speed S tronic dual-clutch.
Uma isuka uyezwa ukuthi inamandla ngoba iqhasha ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.8 futhi ekuqaleni yayingu-4.1. Isivinini isifaka ngokushesha futhi uma unganakile ungazithola usubambe u-250km/h okuthiwa igcina kuwo. Uma ufake iRS Dynamic package plus ijubane ligcina ku-290km/h.
Okuhle wukuthi noma sekumele ume amabhreki abamba thaqa.
Ngemuva kokuhlala nayo izinsukwana ibidla 12.3l/100km kuphethroli. Kubo kwayo bathi uma uhamba kahle idla 9l/100km.
Lapho engichaza khona kakhulu yisemakhoneni. Ayigcini kuphela ngokuya lapho uyikhomba khona nokubambelela kodwa indlela ephuma ngayo yiyo evele ingikitaze.
Sebeyifake itorque splitter ngemuva okwenza ukuthi amandla iwathumele ngokwahlukana. Uma uphuma ekhoneni ujika ngakwesokudla, amandla izowafaka ngasesondweni lesokunxele ngemuva ukuze uphume usuyinhlamvu futhi nesiteringi singagolozi ukujika (understeer). Lokhu kuyezwakala uma ikwenza.
Iphinde yenze ukwazi nokudrifer uma uthanda.
Uma uyifake kuRS Performance kumadrive modes yilapho nokuduma kuba phezulu khona yize kungasafani njengasekuqaleni. Kulula futhi nokuyifaka khona ngoba kunebhathini elisesiteringini.
Ngale kwalokho okunye okuhle ngayo ukuthi njengemoto yansukuzonke, ikahle ngoba ayisazweli kakhulu emabhampini.
Intengo:
RS 3 Sportback - R1,215,000
Zifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.