CISHE wonke umuntu oseke washayela iCitroën C3, entsha uzokutshela ngokukhala kamnandi komsakazo wayo.
Iyimoto encane kodwa ozizwa sengathi uhamba nge-SUV enkulu uma ukuyona. Intofontofo kodwa ayifuni uyixine ngokushintsha amagiya eduze ngoba iphelelwa amandla bese kuyaphoqa ukuthi uwehlise.
Uma unesineke angikungabazi ukuthi uzokujabulela ukuhamba ngayo. Umbango iwushisa kwiRenault Kiger, Nissan Magnite nezinye.
Idle ngobuhle kanti nentengo yayo ikahle kakhulu njengoba ibiza uR229,900 AbakwaCitroen bathe ephume kulo nyaka ngeshintshwayo kuphela enamagiya amahlanu kodwa bathembisa ukuthi eyi-automatic ne-turbopetrol iza ngonyaka ozayo.
Inenjini engu-1.2 litre. Idedela amandla angu-61kW ne-torque engu-115Nm. Umsindo ewenzayo ungaze ufunge ukuthi ine-turbo kanti cha yingoba inenjini engu-3 Cylinder.
Kuphethroli idla u-5.6 Litres ebangeni elingu-100 km.
Iphephile njengoba inama-airbags amabili ngaphambili futhi iphinde ikutshele uma ungalifasile ibhandle njengoba kunomsindo ewenzayo ukukuxwayisa.
Kwi-Infotainment ineSmartCar HD Touchscreen esingu-10 inch.
IneWireless Apple CarPlay/Android Auto. Iphinde ibe neBluetooth kanti nesiteringi sayo sinamabhathini, ukwazi ukushintsha isiteshi somsakazo noma uwehlise noma uwunyuse.
I-airconditioning yayo iyakwazi ukumelana namazinga aphakeme okushisa njengoba ikwazi ukupholisa kubande qa.
Inendawo ye-USB ngaphambili okwazi ukushaja iselula yakho kuyona. Kwi-TFT cluster screen eqondene nomshayeli, inezindlela eziyisithupha zokushintsha ukukhanya.
Ubude be-TFT Cluster bungu-7 inch. Isteringi uyakwazi ukusehlisa noma ukusinyusa.
Indlela eyiyona akumangazi ukuthi kungani idle isicoco se-2023 World Urban Car Award kuma-19th World Car Awards.
Ngaphakathi kukhona eno-dashboard ophuzi ohambisana nombala wayo uma uthenga enalo mbala, kuphinde kube khona engenawo umbala ohlukile okwazi ukungena kuyona yonke imibala yayo ehlukene.
Yakhelwe ukuhamba edolobheni kodwa iyakwazi ukuhamba nasemgwaqweni webhuqu.
Intengo:
R229,900
Egaraji iphuma neService Plan yeminyaka emibili noma amakhilomitha angu-30 000. IneWarranty yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha angu-100 000.