IMOTO: TOYOTA STARLET
IQALE ukudayisa kuleli sonto iToyota Starlet ethuthukisiwe, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi isendleleni.
Sekuwumlando ukuthi uhlobo lweStarlet lususelwe kwiSuzuki Baleno ngoba izinkampani zinobudlelwano bokusebenzisana. IBaleno ethuthukisiwe yona izokwethulwa ngasekuqaleni kukaJuni.
IStarlet yethulwe ngoSepthemba ka-2020, ngenhloso yokuvala isikhala se-Etios futhi yamukelwe kahle ngabathengi. Bashintshe ingaphambili emalambwini nechrome futhi nangemuva kunoshintsho.
Ngaphakathi nakhona bayithintathintile ngaphambili lapho kunescreen se-infotainment khona ngoba zonke izinhlobo zifika naso kodwa sishiyana ngobukhulu. Isiteringi naso basishintshile.
Izinto iStarlet efika nazo zihlanganisa imbobo ye-USB, Bluetooth, Apple CarPlay/Android Auto, automatic climate control, izibuko namawindi kagesi. Ezokuphepha zihlanganisa amasensor ngemuva, asiza ekutheni ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo (vehicle stability control), ABS, EBD nama-airbag ngaphakathi.
Kwengezwe nenjini entsha engu-1.5 litha, esuselwe kwi-Urban Cruiser engena esikhaleni sengu-1.4 litha. Inamandla angu-77kW netorque engu-138Nm. Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli aphakathi kuka-5.4 no-5.7.
Intengo:
Starlet 1.5 Xi MT - R 226,200
Starlet 1.5 Xs MT - R 239,100
Starlet 1.5 Xs AT - R 261,100
Starlet 1.5 Xr MT - R 294,900
Starlet 1.5 Xr AT - R 313,300
Iphuma neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km newarranty. Yeminyaka emithathu noma u-100 000km.