IZOTHWALA kanzima imboni yezimoto ngemuva kokwenyuswa kwemali mboleko yiBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) ngo-50 basis points egcine ifinyelel ku-7.75%.
INhloko yezokuXhumana kwaWesBank, uLebogang Gaoaketse, isho lokhu yathi ngeke kwenze izikweletu zibize kakhulu kuphela.
“Ukunyuka kwemali mboleko ngendlela ebingalindelekile akungabazeki ukuthi kuzokwenza abathengi babheke ukuthi basengakwazi yini ukuthenga, kushintshe nezinqumo zokuthenga izimoto ezintsha nokungase kube nomthelela ekudayiseni ngezinyanga ezizayo,” kusho uGaoaketse.
Inzalo yemali mboleko isihleli ku-11.25% isuka ku-10.75% nokuyinto ebe phezulu kusukela ngo-2009.
Lokhu kuzoba nomthelela kwabakhokhela izimoto njengoba imali abayikhokha ngenyanga izokwenyuka.
UGaoaketse uthe abakhokhela izimoto ngemali enenzalo enganyakazi (fixed interest rate) ngeke bathinteke ngalezi zinguquko.
Inzalo yesikweletu ikalwa yinzalo yemali mboleko (interest rate) enivumelana ngayo. Abantu bayakhetha ukuthi bafuna engashintshi noma eshintshayo uma iSarb yenza izinguquko.
Inzalo engagudluki ayishintshi kuze kuphele isikweletu.
Eshintshayo (linked interest rate) ihambisana nezinqumo zeSarb zokunyusa noma ukwehlisa imali mboleko. Njengoba inyukile nezikweletu zizonyuka.
Isikhulu seNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), uMikel Mabasa naso sihambe emazwini kaGaoaketse sathi kuzoba nzima embonini.
INaamsa ithe zibe ngu-50 157 izimoto ezidayise kuleli ngoMashi. Yisibalo esehle ngo-308 noma u-0.6% uma kuqhathaniswa no-50 465 wangoMashi nyakenye.
NgokweWesbank izimoto ezidayise kakhulu yiToyota Fortuner (3 920), Isuzu D-Max (2 289), Ford Ranger (2 247), VW Polo Vivo (2 016) neToyota Corolla Cross (1 839).