UKUGABA ngokudla kwesintu okwehlukile nokuyintandokazi kubantu ababavakashelayo, sekuthele izithelo kwabendawo yokudlela eseMhlanga, eThekwini, iMushroom Lounge, bamenywa ukuyoshaya ibhodwe isonto lonke e-USA.
Abale ndawo yokudlela efike kwezwakala ngoMashi nonyaka ngokudla, endaweni egcwele izindawo zokudlela ezidayisa ukudla okujwayelekile emgwaqweni uChartwell Drive, bazoya koshaya ibhodwe e-USA ngoSepthemba 22 kuya ku-26.
Umnikazi wale ndawo enedumela nakosaziwayo, uMnuz Sibongiseni Mbambo, uthe ukumenywa kwabo e-USA kudalwe wukufika kwezivakashi zase-USA, ezazize kwiResurgence Conference, ebiseThekwini ngoJulayi nonyaka.
Uthe kwathi kusaqhubeka ingqungquthela, ingxenye yazo yafika endaweni yakhe ihamba nemenenja kaMasipala weTheku uMnuz Musa Mbhele nephini leMeya yeTheku uNksz Zandile Myeni.
“Sikholwa wukuthi bayithanda kakhulu indawo yethu nohlobo lokudla esikudayisayo, nokho besingakulindele nhlobo lokhu ngoba sisebasha kule ndima futhi asikahlanganisi ngisho unyaka siqalile ukusebenza lapha.
“Ngiswele amaphiko okundiza ukukhombisa ukuthi sijabule kangakanani ngaleli thuba, esibona lizosisiza kakhulu ukubeka indawo yethu ebalazweni ngomsebenzi esiwenzayo,” usho kanje.
Uthe kuzohamba abapheki bakhe bayophekela abantu base-USA, uthe ithuba lizovula iminyango eminingi futhi liyisiqalo sezinto ezinhle ezinkulu azozenza ngaleli bhizinisi.
“Kumanje sekuvele kunabantu abangithintayo koKapa naseGoli becela ngizovula izindawo zokudlela ezifuze lena khona, okukhombisa ukuthi umsebenzi wethu omuhle uyabonakala, nokwenza sikhuthalele ukusebenza kanzima,” kusho uMbambo.
Ubonge neSilo uMisuzulu KaZwelithini, oseke wafika kule ndawo, wamupha izibusiso.