Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert sithi yize ezinye izimoto zisengozini yokudunwa kodwa wonke umuntu angagileka noma yinini.
Uthe izibalo zeStats SA zocwaningo iVictims of Crime Survey ziveza ukuthi kuyehla ukudunwa kwezimoto.
Uthe ucwaningo lukhomba ukuthi kwehle ngo-28.9% kusuka ngo-2022/23 kodwa kunyuke ngo-2.5% eminyakeni emihlanu eyedlule. Uthe nokwebiwa kwezimoto kunyuke ngo-19.2%
Uthe ngokweSouth African Police Service, kwebiwa izimoto ezingaphezu kuka-60 ngosuku.
“Ukuba yingozi kwezinye zezimoto kungenza abanye babe manqika ukuzishayela kodwa kumele kugqamise ukubaluleka ukwazi izindlela zokunciphisa amathuba okudunwa noma ngabe uhamba ngayiphi imoto noma uhlala kuphi. Ukudunwa imoto akugwemeki njalo kodwa zikhona izindlela abashayeli abangenza ngazo ukubalekela izimo ezinobungozi. Okubaluleke kunakho konke ukwehlisa umoya. Isikhathi esiningi inhloso yezigebengu wukuthatha imoto ziphele endaweni,” kusho uHerbert.
Uthe nakhu okumele abashayeli bakwenze:
Hlala uqaphele
Ukuqaphela ngazikhathi zonke yindlela enhle yokuzivikela ukuthi ungadunwa. “Nakisisa izimoto noma abantu abasolisayo wenze isiqiniseko sokuthi awulandelwa. Zama ukujwayela abantu abahamba endleleni ohamba kuyo bese uyaqaphela uma ubona ubuso ongabujwayele. Ukunaka izinto ezincane kuyasiza,” kusho uHerbert.
Zilungiselele
Ngaphambi kokuthi ufike emotweni yenza isiqiniseko sokuthi ukhiye usesandleni.
“Umuntu kumele akulungele ukungena egcekeni ngesikhathi efika angachithi isikhathi esabheka ukhiye wendlu. Lokhu kunciphisa isikhathi lapho umshayeli engaba sengcupheni ngaso enganakile okwenzeka eduze kwakhe. Uma unezingane ezincane zifundise ngendlela yokuzikhipha emotweni uma nidunwa imoto,” kusho uHerbert.
Shayela ngendlela yokuzivikela.
Ukusebenzisa amaqhinga afana nokubuka indawo ephambili ngemizuzwana engu-12 kwenza ulindele isimo somgwaqo futhi unciphise isikhathi umile.
“Jwayela umkhuba wokushiya isikhala sokubaleka uma kunesidingo. Shiya igebe elanele noma eliyimizuzwana emithathu kunemoto ephambi kwakho ukuze ukwazi ukubalekela izimo ezinobungozi,” kusho uHerbert.
Hlehla
Ungangeni uya phambili egcekeni noma endaweni yokupaka.
“Ukupaka uhlehla kwenza ubone kahle futhi ube nesikhathi esanele sokubheka okwenzeka eduze. Lokhu kwenza ukwazi ukubaleka ngokushesha,” kusho uHerbert.