UMCULI kamaskandi owaveza ukuthi ujola nosaziwayo odume ngokuthandana nabobulili obufana nobakhe, odume ngelikaNtombey’ningi, uthi wayehubhuza amanga, efuna ukugqama kwabezindaba.
UMfezemnyama uthi lawo manga asemdalele isigcwagcwa kubalandeli bakhe abangasafuni nokugqoka izikibha ezinegama lakhe ngoba bengahambisani nobutabane.
Lezi zindaba zagcwala amaphephandaba nezinkundla zokuxhumana ngo-2022.
“Empeleni angithandani nabanye abantu besilisa. Inkinga engangibhekene nayo eyokuthi bengivalelwa emicimbini eminingi nomculo wami ungasadlalwa nasemisakazweni. Njengenjwayelo nami ngazama ukuqhamuka nento ezongenza ngibe sematheni ukuze kukhumbuleke nomsebenzi wami, ngase ngithi ngithandana noNtombeningi,” kusho lo mculi.
“Angizange ngikubheke ukuthi kuzongilimaza kangakanani lokho kodwa ngangizitshela ukuthi kuzoba njengezinye izinto engike ngizenze ukuze ngigqame kanti lokhu kuzongilahlekela.”
“Abaningi bayazi ngiba nazo izinto engiqhamuka nazo ezenza ngigqame, njengokugqokisa okweNdiya okuyinto yami ehlukile engaqhamuka nayo kumaskandi. Ngicela ukukusho kugcwale nje ukuthi angithandani nabanye abesilisa futhi nginengoduso yami uNosipho Dladla engizoshada naye maduze. Ngeke nje ngilale nenye indoda ... ngathi sengiyabona,” kusho Imfezemnyama.
Kulezi zinsuku Imfezemnyama imatasa ilokhu ishutha noNosipho ethi iyona ezomenza unkosikazi wayo. Ithe ingcindezi enayo kumanje ukuthi abalandeli abakayikholwa njengoba abanye bethi akayikhulelise ingoduso yakhe ukuze babone ngempela ukuthi “uqondile”. Uthe noma engakaphumeleli ukuyikhulelisa kodwa unethemba lokuthi bazothi beshada izobe isizithwele noma isinengane yakhe.
Kuthintwa uNtombeningi, uthe iyamxaka indaba yeMfezemnyama ngoba iyona eyaveza lezi zindaba eyikhuza.
“Mina iyangidida Imfezemnyama ngoba mina nayo sisazwana kodwa into siyiqhuba njengabantu abadala. Ngisho nengoduso yakhe uNosipho akanankinga nami ngiyazi ngayo anginankinga. Nokuveza lezi zindaba ngamtshela ukuthi angazivezi uma engakulungele, kwaba uyena othi akanandaba, waziveza ngenkani. Ngikhuluma nawe kade nginaye izolo (ngoLwesine) njengoba ebezogunda kule-salon engasemzini wami. Noma ngabe-ke uyabona ukuthi kwamlahlekisela ukuphumela obala angiboni ukuthi kukhona umuntu osenenkinga ngale mpilo esikhathini samanje njengoba sekuyinto ejwayelekile,” kusho uNtombeningi.