KUSOLWA ukuziphindiselela kwelokubulawa kwabakhongi, kudutshulwa kubulawa abayisikhombisa bomndeni womunye wabasolwa eChibini, eHlokozi, ngoLwesithathu.
Lo mndeni kuthiwa uhlaselwe sekuhwalele, ngesikhathi ubuka ithelevishini. Kuthiwa kugasele abantu bavulela ngenhlamvu kwabebehleli egumbini lokuphumula.
Phakathi kwabashonile kukhona umama wekhaya uBahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uPhilile Khambule (39), umalokazana uNompilo Khambule (34), isihlobo uSkhumbuzo Khambule nabazukulu oLisa Khambule (9), Siphosethu Khambule (9) noZemvelo Khambule (5).
USiphosethu noZemvelo bazalwa umufi uNompilo, endodaneni yakulo muzi okuvela ukuthi iboshiwe, kuthi uLisa azalwe nguPhilile.
Ngokuthola kweSolezwe ngemithombo elwazi ukusuka nokuhlala udaba, indodana kaBahlakaniphile engumyeni kaNompilo, isoleka ecaleni lokudutshulwa kwezelamani zakwaDlamini ezabulawa ngaphandle kwasekhweni ngenyanga edlule. Zaziyokhongela umfowabo. Lezi zelamani, uThando noMzwandile Dlamini, zahlaselwa zisakhuleka ngaphandle kwesango lasekhweni.
Kuvela ukuthi kuhlaselwa kubo nje ubesanda kuboshwa. Abasolwa ngokwenzakalisa umndeni wakhe kuthiwa bebelokhu befika emzini wakhe okhona endaweni ukuzombheka ukuthi uyadedelwa yini ngebheyili “ukuze bamsoconge”.
Umsolwa oboshiwe, oyilungu lomndeni wakwaKhambule, kuthiwa uyamaniswe nokubulawa kwabakhongi ngophenyo lwamaphoyisa olwathola izinkulumo zakhe nabanye abasolwa ngokudubula abakhongi ababehamba ngamaPolo. Kuvele ukuthi labo basolwa bePolo bashonile emva kokudutshulwa esehlweni esingahlobene nalesi ePort Shepstone emasontweni edlule. Kuvela ukuthi ilungu lomndeni wakwaKhambule eliboshiwe lihlanganiswe nabasolwa ngezinkulumo zamaselula.
Ilungu lomndeni, elingafunanga ukwanda kakhulu ngenkulumo uma libuzwa ngalezi zinsolo, uNksz Dudu Khambule, likuqinisekisile ukuthi ngempela umfowabo uboshiwe.
"Unamasonto amathathu eboshiwe," kusho uDudu ongachazanga ukuthi ivala abekwe lona lithini.
Udalule ukuthi kuhlaselwa kubo nje bekunezinsongo zokusoconga umfowabo ebese zinesikhashana zikhona.
"Emzini wakhe bekulokhu kufika abantu abangaziwa behlome ngezibhamu bezomfuna ngesankahlu," kusho uDudu.
Uveze ukuthi kwenzeka umshophi nje unina (uBahlakaniphile) ubembizile uNompilo nezingane ukuthi bazoquba ekhaya elikhulu, esaba ukuthi bazosocongelwa emzini wabo njengoba bebehla benyuka nezibhamu okuthiwa bebemfuna.
Uthe kusajame ingqondo uma ecabanga ngokubehlele, ubuhlungu ababuzwayo, wathi okukhulu kunakho konke ukuthi basovalweni bona abasele (ebebengekho).
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, ubafanise nezilwane abasolwa ngesihluku abasikhombise emndenini wakwaKhambule.
"Sizwa ubuhlungu nathi njengoba sila. Uma sizwa iminyaka yezingane ezibulewe, siyazibuza ukuthi abantu abanesihluku esingaka bavelaphi. Labo bantu bafanelwe ukususwa emphakathini ngoba bayizilwane," kusho uNtuli.
Uthe noma ngabe bekuyisiphi isizathu, besingekho isidingo sokuthi kubulawe abantu.
Uthe uhulumeni ezingeni lesifundazwe, nasesifundeni iHarry Gwala ngaphansi kweMeya uMnuz Zamo Nxumalo, bazosondela ngokuhlanganyela emndenini ukuzolekelela ngakho konke abakudingayo okufaka phakathi izindleko zomngcwabo nosizo lokwelulekwa ngokwengqondo.
Unxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukubamba abasolwa ngokushesha.
IMeya kaMasipala waseHarry Gwala, uNxumalo, ithe bakhathazekile ngalesi sigameko nezinye ezenzeke kule ndawo kusuka ngenyanga edlule.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi, uveze ukuthi angu-25 amagobolondo ezinhlamvu atholwe endaweni yesigameko.
Uthe okubacacelayo bengamaphoyisa ukuthi lokhu kubulala bekuhleliwe futhi abasocongi bebefuna ukwenza uthulamsindo njengoba abafi bedutshulwe emakhanda.
"Sesihlanganise ithimba ezingeni lesifundazwe elizosebenzisana namaphoyisa esifunda ukuphenya ngesigameko," kusho uMkhwanazi othe okushiwo wumndeni okwamanje basakuthatha njengamampunge njengoba uphenyo lwabo lusephansi.
Umndeni wakwaKhambule kuthiwa uziphilisa ngebhizinisi lamatekisi.