KUDIDEKE abaningi emngcwabeni womculi wekwaito uSandile Mapaputsi Ngwenya wena owabona umdlalo kamabonakude kuvela eyamakhosikazi amabili.
Inkonzo kaMapaputsi ibibanjelwe eDlamini Multipurpose Centre Hall, eSoweto wabekwa eWest Park’s Heroes Acre ngoMgqibelo. Inkonzo yomngcwabo ibiholwa umlingisi uMotlatsi Mafatshe, othule abesifazane ababili abachaze njengamakhosikazi walo mculi wengoma ethi, Izinja.
Intokazi yokuqala ethuliwe yabizwa ukudlulisa amazwi okuvalelisa kumyeni uNitty Nhlapo okuvele ukuthi ngunkosikazi kaMapaputsi ayeseqhelelene naye.
UNitty obephelezelwa yizingane zakhe uzwakalise ubuhlungu bakhe ethi wayengazi ukuthi uzoyibamba yedwa indima yokukhulisa izingane ngesikhathi lapho zivuleka amehlo.
“UThandolwethu uhlanganisa iminyaka engu-21 kulo nyaka kanti uMbalenhle uya kumatikuletsheni. Singazenza izinhlelo zethu kodwa uNkulunkulu uyena mhleli omkhulu. Kube yisonto elinzima leli ezinganeni.
Izingane zikaNhlapo zichaze uyise njengomuntu obenamancoko, enothando futhi ezeseka. Ziveze ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, zaqonda ukuthi kungani uyise wayengabibikho ngezinsuku zabo zokuzalwa ngezinye izikhathi.
Kuthe kuqeda uNhlapo nezingane zakhe, kwabizwa omunye wesifazane okuthiwa nguyena nkosikazi kaNgwenya uDieketseng Ayola. Le ntokazi ikubeke kwacaca ukuthi nguye yedwa unkosikazi kaMapaputsi, kwathula kwathi cwaka emngcwabeni.
U-Ayola uqhubeke wathi uzoqinisekisa ukuthi umlando kaMapaputsi uyawuqhubeza.
“Umyeni wami ubengubaba wesizwe, okungenza ngibe umama wesizwe. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ifa lakhe liyaqhubeka. Ngingathanda ukuveza uthando lwami olujulile ngaye, futhi ngizoqhubeka ngenza kanjalo. Uyohlale eyisithandwa sami,” engeza.