INGXABANO phakathi kukanomehlo nekhansela iholele ekutheni izintombi nto zaKwaMashu, zingayi emhlangeni.
Unomehlo uthi ikhansela lamsongela ngokuthi lizombamba ngoba uvotele i-MK, kuthe uma selingasamniki amafomu agcwalisayo wabona ukuthi beliqinisile, langamtshela nangemihlangano.
NgoLwesihlanu, umhloli webhasi uthe kuvumeleke ukuthi agibelise izintombi eziyisikhombisa ekubeni abanye onomehlo bebegibelisa ezingu-15.
Izintombi ezihlolwa uNkk Thulisile Ngema, uMaBiyela, zijike esitobhini. Zahamba nabazali ziyobuza edepho ukuthi kungani kuthiwa azibe yisikhombisa, kwathiwa azibuze ikhansela, kube yilo elizocacisa. Kuthiwa ikhansela lishayelwa ucingo, lathi aliyingeni indaba yomuntu owavotela i-MK.
Ngakolunye uhlangothi, ikhansela lithi aliyanga koxazulula lokhu kudideka ngoba belimatasatasa futhi onomehlo babetsheliwe ukuthi unomehlo ngamunye uzohamba nezintombi eziwu-15, kodwa uNkk Ngema wafika nenqwaba.
UNkk Ngema uthe ezinye izintombi bezizohamba ngenye imoto, ezingu-15 zingene ebhasini. Kuphoqeleke ukuthi zingabe zisahamba zonke.
"Ngangicabanga ukuthi uyazisholo nje uma ethi uzongibamba ngoba ekloloda ngesikhathi sokhetho, nakhona angazi ukuthi wayeze athi ngivotele i-MK nje, walibonaphi ivoti lami? Ikhansela liqale langanginika amafomu, lanikeza omunye unomehlo, lingishiya ngiwumakhelwane. Lowo nomehlo wanginika amafomu. Ngamangala ukuthi amafomu sengiwanikwa umuntu wakwesinye isigceme ekubeni ikhansela liwumakhelwane," kusho yena.
Ikhansela uNksz Mafiki Zondi ezihlangula, uthe ubengeke aye edepho ayosayinela ibhasi njengoba bekusho uNkk Ngema ngoba umasipala ubesewakhokhele amabhasi ahambayo.
"Angimzomdi uNkk Ngema, umakhelwane wami. Uma eyi-MK nayo angiyizondi. Ngiyile ekuseni (ngoMgqibelo) ngayobachazela ukuthi uhlelo lokuya emhlangeni beluthini. Omama bezingane ngibachazelile ngoba bagcine behleli nezingane kwaze kwaba uMgqibelo. Angihlangene nohlelo lonke, yebo amafomu afikela kimi ekhaya. Nganikeza omunye unomehlo, wamnika. Kwase kumele baqhubeke batshelane ngokuzolandela. Bengingeke ngiye kubantu abese belwa besedepho ebusuku,“ kusho yena.