UMBUSO uveze ukuthi usunabo ubufakazi be-vidiyo ekhombisa omunye wabasolwa abahlanu ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA, obumveza elandela umculi efika esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport, ngosuku abulawa ngalo.
Lokhu kuhlaluke ngoLwesine eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngenkathi kuvele oMnuz Muziwethemba Gwabeni, noMnuz Lindokuhle Ndimande, abangabasolwa ababili kwabahlanu abasolwa ngokubulawa kuka-AKA nomngani wakhe owayengumpheki nosomabhizinisi uTebello “Tibz” Motsoane. Bebevele ngaphambi kwenkantolo ukuzofaka kabusha isicelo sokudedelwa ngebheyili.
Umshushisi wombuso u-Adv Elvis Gcweka, uthe sebuhlangene ubufakazi obugcwele nobuveza ngokuphelele uGwabeni eba ezinyathelweni zika-AKA, kusukela efika esikhumulweni sezindiza ngezithupha zabo-3 ntambama.
“I-vidiyo yobufakazi bethu imveza ngendlela ecacile umsolwa elandela umufi ibangana elincane kusukela efikela kubangani bakhe abase bemlindile esikhumulweni sezindiza. Uyabonakala ebalandale kancane, baze bafike lapho ababezothatha khona imoto ababeyiqashele ukuhamba ngayo. Ubalandela njalo ngezinyawo, aze ayogibela imoto yohlobo iBMW, ede ekhuluma nocingo, exhumana nomunye wabasolwa kuleli cala uLindani Ndimande, kuze kube umufi nabangani bakhe bafika ehhotela ababebhukhe ukuzolala kulona eliseMhlanga, eThekwini,” kulanda umshushisi uGcweka.
OGwabeni, noNdimande bavela phambi kwenkantolo nje, yingoba bebezoveza izethulo zokwenza bakholwe wukuthi bafanelwe wukunikezwa ibheyili ukuze balungise abakubize ngezinkinga ezisale zabhekana nemindeni yabo selokhu baboshwa.
Ummeli wabasolwa u-Adv Cryil Mlotshwa, utshele imantshi ukuthi okwenza uGwabeni acele ibheyili kabusha wukuthi abashushisi baveze ukuthi ukuphenywa kwabo sekuphelile, ngakho ubona ingekho indlela angaphazamisa ngayo uphenyo.
“Okunye okuyinkinga yakhe wukuthi ukweleta u-R100 000 esikoleni okufunda kusona enye yezingane zakhe, nokuthi enye ingane yakhe nonkosikazi wakhe belulekwa ngokomqondo, okudinga ukuthi abe seduze nabo ukubezeka. Konke okudinga imali akakwazi ukukwenza ngenxa yokuthi uvalaleleke esitokisini, okwenza angakwazi ukuqhuba ibhizinisi lakhe lemayini.
“NakuNdimande kunzima ngokuthi itekisi lakhe eliwusizo emndenini wakhe libe sengozini, akakwazi ukulilungisa ukuze liqhubeke lisebenze, libeke esinkwa etafuleni emndenini. Umndeni wakhe uyasokola ezimalini njengoba engekho, okwenza isimo sibe muncu ekhaya ngoba ubhekelele nezidingo nezindleko zamakhosikazi kayise ongasekho,” kuchaza uMlotshwa.
Umshushisi omkhulu u-Adv Lawrence Gcaba, uthe izethulo zommeli wabasolwa kazanele ukuthi zingenza ukuthi banikwe ibheyili nokuthi uma bededelwa ngebheyili ngeke bebe nesiqiniseko sokuthi ngeke baphazamise ukuqhubeka kwecala.
Imantshi uVincent Hlatshwayo ithe ubufakazi nezethulo okubekwe phambi kwayo kuningi kakhulu, ngakho kuzodinga ukuthi iyokufunda futhi ikucwaningwe ngaphambi kokuthi kuphume isinqumo, yaphetha ngokuthi isinqumo sayo izosigodlela uLwesithathu oluzayo.