YIZE ulokhu ukhuzwe njalo umhlola wokubulawa kwabesifazane, okwenziwa abantu besilisa abathandana nabo kodwa kubukeka silokhu siqhubeke njalo lesi sihlava ezingxenyeni ezehlukene zesifundazwe.
Muva nje ziningi ezinye izehlakalo okubikwe ngazo ezimayelana nokubulawa kwabesifazane okuthiwa kwenziwa ngabantu abathi bayabathanda.
Umufi, uNksz Bongekile Mkhize (32) waseMangamazini, eFolweni, kuthiwa ngeSonto uhlahlelwe yisoka lakhe uMnuz Mduduzi Masuku ngocelemba.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa ubhozomele intombi yakhe ngemuva kwengxabano abebenayo. Kusolwa ukuthi ubesola umufi ngokuthi uyajola.
Umnyombo wodweshu phakathi kwabo kuvele ukuthi umsolwa udinwe nawukuthi intombi itshele imbangi yakhe ngobuncane bomphambili wakhe.
Lokhu kwenzeka nje, bekusabatshazwa indaba kaNksz Ayabongwa Mjilo (24) waseHlokozi obulawe ngoKhisimusi okusolwa ukuthi ubethandana naye. Kulesi sigameko kugcine kuboshwa uMnuz Mfanafuthi Kunene (37).
Kuvele ukuthi umufi nomsolwa bagcina ukubonakala endaweni yokudlela eseMhlanga ngoDisemba 24. Isidumbu sikamufi sitholwe ngoJanuwari 4 sigqitshwe egcekeni lakubo kamsolwa eNanda, wase ekhalelwa ngamasonga kaSigonyela.
Umsolwa uvele okokuqala enkantolo ngoMsombuluko.
NgoDisemba 20 owesilisa (24) wagwaze wabulala unina wengane yakhe, uNksz Bongeka Makhathini (22) kanye nengane yabo yomfana u-Okuhle (3) ngaphambi kokuba athathe intambo naye azibulale, eDanganya, eMgababa.
Lona wesilisa kwavela ukuthi ngaphambi kokuba enze lesi siga wathumela izihlobo zakhe umyalezo ngeselula ezazisa ukuthi uzokwenza lesi sehlo.
Izidumbu zabafi zatholwa phezu kombhede kwathi esombulali salamelwa silenga esihlahleni.
EMalangeni, eMzinto, ngoDisemba 19 kutholakale isidumbu sikaNksz Nontobeko Cele (25) okuthiwa wagwazwa wabulawa yisoka lakhe elinguthisha, uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32).
Lesi sigameko kwakhulunywa ngaso kakhulu kulandela ukuthi umsolwa ephanyeke i-vidiyo ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa yena esendaweni yesigameko futhi egcwele igazi ebusweni.
Waze waveza nesidumbu sikaNksz Cele sidindilizile wagonyuluka ngokuthi uyena ombulele.
NgoKhisimusi, uNksz Zinhle Mabizela waseMazizini, eBergville, ubulawe owesilisa ogcine eboshwa ngoLwesibili.
Umsolwa uboshwe edolobheni eliseduze, iWinterton.
Iphoyisa loMkhandlu weTheku, uConstable Sizwe Ngema (27) laba sematheni ngoMashi ngonyaka odlule ngesikhathi “libulala“ intombi yalo ngesihluku, uConstable Bianca Khuzwayo (24) lase linameka imizuzu yakhe yokugcina ezinkundleni zokuxhumana. Icala lisezithebeni zenkantolo.
Kukhulunywe kakhulu nangesigameko esenzeka ekupheleni kuka-Agasti lapho uMnuz Siphamandla Khumalo (34) abhokoda khona ngommese unina wengane yakhe (4) uNksz Nomfundo Msibi (30) phambi kwabantu eGateway, eMhlanga.
Kwavela ukuthi wamyenga ngokuthi uzomkhiphela i-lay-by yakhe kanti kuzothi esefikile, akhiphe uhalakasha lommese, amgwaze, ambulale.
Owesilisa ongumpheki, uMnuz Zimisele Dlulisa (29) kuthiwa wabulala unina wezingane zakhe, uNksz Mbali Mokokane (29) maqede wadla ukudla eceleni kwesidumbu, kwaba sengathi akwenzekanga lutho.
Isigameko kuthiwa senzeka eLusaka, eNanda, lapho babehlala khona bobabili.
Lwaba yindaba egudwini udaba lwabesifazane ababili ababengabangani, uNksz Anele Mbokazi (29) nomngani wakhe uNksz Zizipho Gabisa (30) okwatholakala izidumbu zabo zidindilizile eKenville.
Kulesi sigameko kwaboshwa abesilisa ababili uMnuz Lungani Mthethwa (39) nomngani wakhe uMnuz Sandile Chili (45).
Leli cala langena eNkantolo yeMantshi yaseThekwini uMthethwa wagcina esesala yedwa ngemuva kokuba inkantolo ithathe isinqumo sokumkhulula umngani wakhe okuthiwa usengufakazi woMbuso.
Ngawo uDisemba kuvele ukuthi ubebekezelela ukuhlukunyezwa owesifazane waseMpophomeni, okuthiwa ugwazwe yisoka lakhe wafa ngemuva kwengxabano ebishubile phakathi kwabo.
Umufi, uNksz Amanda Malaza, kuthiwa ubulawe yisoka lakhe lase ligcwala amathafa.