KUYAQALA kule nyanga ukukhiqizwa kwezimoto efemini yakwaToyota South Africa Motors (Tsam), eProspecton, eThekwini, ngemva kokuvalwa ngenxa yomonakalo odalwe yizikhukhula ngo-Ephreli.
Ukuqhubeka kokukhiqiza kuqinisekiswe yisikhulu senkampani, uMnus Andrew Kirby, engxoxweni ekhethekile neSolezwe.
ITsam ikhiqiza izimoto ezidayisa kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika, nase-Europe. Phakathi kwezimoto ezikhiqizwayo kubalwa iHilux, Fortuner, Hiace Ses’fikile, Corolla, Corolla Cross namaloli akwaHino.
UKirby uthe uzamcolo waholela ekutheni kube nodaka olwalimaza imishini yabo.
“Sithenge amaphathi amasha angu-120 000 emishini yethu nokuyinto ekunikeza isithombe sokuthi umonakalo mngakanani wezinto ezilimele. Sijahe kabi ukuthi lawo maphathi afike kodwa kunezingqinamba emhlabeni jikelele. Amandla siwafake ekutheni silungise esingakwazi nokuthi sishintshe okudinga ukushintshwa nokuthathe isikhathi,” kusho uKirby.
Uthe ngesikhathi ebika umonakalo ekomkhulu labo eJapan, bathumela isikhulu esibhekelele izinhlekelela futhi safika sathi siyaqala ukubona umonakalo ongaka.
Utuse iToyota Motor Corporation, ngokuthumela ongoti nabasebenzi wathi benze okusemdlaleni ukuqinisekisa ukuthi ifemu lihlanzekile.
“Ngiyajabula ukusho ukuthi akekho olahlekelwe wumsebenzi wakhe.”
Uthe yize befuna ukuqala ukukhiqiza ngokushesha kodwa abafuni ukuxhamazela kuze kube khona okuzobaphazamisa.
“Siyaqala ekupheleni kukaJulayi kodwa ngasekupheleni kukaSepthemba, sizobuya ngokugcwele.”
Ubonge amakhasimende athenge izimoto wathi kuzoba nokubambezeleka ekutheni azithole kepha wathi bazobeka eqhulwini abazithenga kuqala. Uqhube wathi ukholwa wukuthi kuyoze kushaye u-2023 besathumelela amakhasimende alindile umkhiqizo.
Ngemuva kwezikhukhula kwake kwasabalala incwadi eyayiveza ukuthi le nkampani izothutha eThekwini.
“Asingabazanga ukwakha kabusha nokuqinisa ibhizinisi lethu eNingizimu Afrika. Sinephupho lokuba yinkampani enkulu ekhiqizayo hhayi kuleli zwe kuphela kodwa e-Afrika yonke. Lo mshophi awukaze ukushintshe ukuzibophezela kwethu. Asifuni ukukhulisa isibalo sezimoto kodwa sifuna ukwakha imisebenzi nokuthuthukisa amakhono,” kusho uKirby.