USUBHEKE kowamanqamu umncintiswano wama-4x4 iNissan Spirit of Africa owasungulwa yingwazi yomshayeli wezimoto uSarel van der Merwe.
Umncintiswano ugubha iminyaka engu-19 kulo nyaka futhi useDorinbos 4x4, eBloemfontein. Uqale kusetshenziswa iMitsubishi Colt, Triton iVW Amarok kusuka ngo-2010 kuya nyakenye njengoba sekusetshenziswa iNissan Navara kulo nyaka.
INavara eyakhiwa kuleli futhi okuncintiswana ngayo yi-2.5 litre Pro-4X 4x4 automatic double cab. Inamandla angu-140kW.
Emncintiswaneni abashayeli baba nemizuliswano lapho bencintisana khona ngokushayela obhuqwini bedonsa isondo bebe bechutha emapalini ngesivinini, ukuqwala intaba uchusha emapalini, ukuncintisana ngejubane nokunye. Oqeda ngesikhathi esisheshayo noma ngesikalelwe lowo mzuliswano uthola amaphuzu agcwele. Uma uthinta amapali wengezelwa isikhathi futhi uma ubulala imoto ungagcina ukhishwa emncintiswaneni.
Kulo nyaka kungenele amaqembu angaphezu kuka-300 okuwumshayeli nomsizi wakhe. Imizuliswano yokuqala isongwe ngoJuni 5 kanti sekubhekwe owamanqamu ngoJulayi 13 kuya ku-16.
Isikhulu sezokumaketha kwaNissan South Africa, uStefan Haasbroek, sithe bayaziqhenya ngesibalo sabantu abangenele iNissan Spirit of Africa okokuqala.
“INissan Navara ithuthukiselwe imigwaqo yase-Afrika futhi akulona iveni elikwazi ukuncintisana namanye amhlabeni jikelele kodwa lakhelwe futhi ukuthi lingaxakeki ezimeni ezitholakala e-Afrika. Ukuzimisela kwethu ekuletheni imikhiqizo efanele iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe esidayisa kuwo kufakazelwa yindlela iNavara eyakhiwe ngayo nezinto ekwazi ukuzenza.”