ASEQALILE amalungiselelo omncintiswano wokukhetha imoto yonyaka i-2025 SA Car of the Year (COTY) ngemuva kokumenyezelwa ukuthi i-Old Mutual Insure ikhuza ibuya njengabaxhasi unyaka wesithathu kulandelana.
Lo mncintiswano osuneminyaka ukhona, uhlelwa yiSouth African Guild of Mobility Journalists (SAGMJ). Nonyaka isicoco sithathwe eyiBMW 7 Series
‘Siyajabula ukuba yingxenye yalo mncintiswano futhi. Kusuka iCoty yaqala ngo-1986, izuzise izimoto ezisezingeni. Ngonyaka odlule izinga lemingenelo linyukile futhi sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi umncintiswano wakulokhu uphetheni,” kusho uJerry Anthonyrajah, oyiChief Commercial Officer kwa-Old Mutual Insure.
Amajaji eCoty, okuyizintatheli zezimoto zamaziko ahlukene okubalwa kuzo neyeSolezwe Ngempelasonto, zivivinya izimoto zibheke izinto ezahlukene okubalwa kuzo indlela ezibukeka ngayo ngaphandle, ubuchwepheshe, amandla, indlela ebambelela ngayo, ukuphepha nokunye.
I-Old Mutual Insure ithe kulokhu izogxila kakhulu emikhankasweni eshumayela ivangeli lezokuphepha emgwaqweni njengoba sekubhekwe emaholidini okuphela konyaka.
Izimoto ezisesigabeni esandulela owamanqamu zizomenyezelwa ngoDisemba. Kulindeleke ukuthi izintatheli ezingamajaji ziphinde zithole ithuba lokuvivinya ezikowamanqamu lapho ezizobe zivota khona ngokwahlukana bese kuhlanganiswa izibalo kubhekwe ephulele.
USihlalo we-2025 Coty ophinde abe yiPhini likaSihlalo weSAGMJ, uThami Masemola, uthe bajabule ngokuphinde baqhubeke nobudlelwano babo ne-Old Mutual Insure.
U-Anthonyrajah uthe bakholwa wukuthi iCoty isiza amakhasimende enze izinqumo eziphusile uma ethenga imoto. Uthe izinto izimoto zamanje ezifika nazo ziyasiza ukuvikela abantu emgwaqweni.
“Ngesikhathi kuvivinywa izimoto emncintiswaneni weCoty, umkhankaso wezokuphepha emgwaqweni oholwa yi-Old Mutual Insure uzobe uqhubeka,” kusho yena.
Ukhiphe amathiphu angasiza abashayeli njengoba kubhekwe emaholidini okuphela konyaka:
-Ngaphambi kokuthatha uhambo olude, kubalulekile ukwenza isiqiniseko sokuthi imoto yakho isesimeni. Ihambise iyohlolwa ngaphambi kokuhamba.
-Hamba ngesivinini esisemthethweni futhi ugweme izinto ezizokuphazamisa njengokubheka iselula ube ushayela.
-Uma usohambeni olude, hlaba ikhefu njalo uphumule.
-Bheka ukuthi umshwalense wakho usesimeni futhi ugcine izinombolo zezimo eziphuthumayo kwiselula yakho.