SIKHALE ngomlando wodlame kumsolwa isihlobo sowesifazane waKwaNoganga, eHarding, obulawe ngesihluku, eshawa ngensimbi, washokhwa nangogesi ngoMgqibelo.
Umufi, uNksz Hlengiwe “Mahlengi“ Sikosana (24) kuthiwa utholwe esethule endlini kamsolwa, obeyisoka lakhe eMkangala.
Ngokusho kwesihlobo esicele ukuthi singadalulwa, umufi ubulawe ngesikhathi evakashele isoka lakhe okuvela ukuthi lingusomatekisi endaweni.
“Ngishayelwe ucingo yisihlobo sithi siqeda kuthola ucingo kumakhelwane kamsolwa, esitshela ukuthi othandiweyo wethu usebulelwe ngumsolwa ngesihluku,” kusho isihlobo.
Sithe abasheshe baphuthuma endaweni yesigameko, bazithele phezu kwensimbi okuvele ukuthi umsolwa ubemgqema ngayo umzimba wonke umufi, sathi babuye bathola nokuthi uphinde wamthela nangamanzi umzimba wonke ngaphambi kokuba amshokhe ngezintambo ezivulekile (open wire) zikagesi ezificwe endaweni yesigameko.
“Ngesikhathi etholwa, umsolwa ubesekhale wemuka. Sizwe kuthiwa kwatekisi yakhe okuthiwa ubaleke ngayo endaweni yesigameko, ibuye yatholwa ishiywe kanjalo esigangeni endaweni,” kusho isihlobo.
Sithe nakuba besingazi lutho ngobudlelwane bukamufi nomsolwa ngengoba besisamthatha njengengane, sitholile ukuthi umsolwa ubenodlame.
“Ngithole ukuthi esikhathini esifishane esedlule, uke wamshaya waze wahlephuka i-implant (okuvikela ukukhulelwa okufakwa emzimbeni), walaliswa esibhedlela,” kusho isihlobo.
Siveze ukuthi besisezinhlelweni zokumbuyisela esikoleni ngonyaka ozayo umufi njengoba ayecele ukuthi ayoqhuba izifundo zobuthishela kulandela ukuqeda kwakhe u-matric nyakenye.
“Sibuhlungu ngokuthi ashone ngesihluku esinje. Besisalindele lukhulu kuye,” kubeka isihlobo.
Sithe sifuna ukubona amaphoyisa elima indima yawo ekuboshweni kukamsolwa njengoba bengazimisele ngokuzithathela umthetho ngezandla njengomndeni.