UKHONJWA ngenjumbane umphathi woKhozi FM ngemva kokwesula emsebenzini komphathi wezinhlelo kulo msakazo, uPearl Maseko-Binqose.
USbongi Ngcobo usolwa ngokwengamela yonke into, agxambukele nasezindaweni eziphethwe abanye ozakwabo okuyinto okuthiwa yenza abanye abaphathi bangakwazi ukulawula izinhlaka zomsebenzi abaziphethe.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uPearl obenonyaka efikile kulo msakazo, uyifake izolo incwadi yokwesula emsebenzini nokungacaci ukuthi uzogcina nini.
Le ntokazi enamava emkhakheni wezobuntatheli kuvela ukuthi kuningi ebikhala ngakho selokhu yafika.
Kuthiwa eya ekhefini lokubeletha ushiye uhide lwe-email lapho abeveza khona ukungajabuli kwakhe ngendlela angawenzi ngayo umsebenzi wokuthatha izinqumo othinta izinhlelo nabasakazi.
“Inkinga kaSbongi ufuna ukuphatha yonke into ayenze yena, yize kukhona abantu abaqashelwe lokho. UPearl uke wakhala eya ekhefini lokubeletha emtshela ngendlela angajabule ngayo namsebenzisa ngayo. Kwathi uma uPearl ebuya baba nomhlangano wokubonisana ukuthi bangasebenza kanjani ukuya phambili. Kodwa isimo kusuka lapho asibanga ngcono kunalokho izinqumo ezinye okwakumele zithathwe uPearl, uSbongi uyena okwase kubonakala ezithatha aze azimemezele ngaphakathi,” kuchaza umthombo.
Uveze ukuthi akazi ukuthi uPearl ushiya nje usewutholile yini umsebenzi omusha noma cha.
“Ngeke ngiqambe amanga, anginalo ulwazi noma kukhona umsebenzi asewutholile noma uyohlala ekhaya, njengoba kukade aqala ebalisa ngokungasebenzeki kulo msakazo,” kuchaza yena.
Omunye umthombo ongaphakathi eSABC uveze ukuthi kwesinye isikhathi abasakazi nabasebenzi basoKhozini badlala ngoSbongi ngoba vele ezinye izinqumo ngeke bazithathe bodwa kumele bamtshele.
“Yize ngingeke ngimkhulumele kakhulu kodwa uyisikhulu esiphezulu vele ezinye isinqumo kumele zifike kuye ngoba uphethe, naye azidlulisele kubaphathi bakhe bese ziyabuya kuthathwe isinqumo. Ngisho kunkontileka yakhe yomsebenzi kuyavela ukuthi ezinye izinto noma abaphethe bangafinyelela kanjani esinqumeni kodwa kumele sidlule kuye, naye kube khona akubhekayo bese kuyima kuthathwa isinqumo esingujuqu,” kuchaza umthombo.
Isolezwe Ngempelasonto libathinte bobabili uSbongi noPearl ngalolu daba.
USbongi unxuse ukuthi kuthintwe iSABC ngoba yena akakhulumi nabezindaba.
UPearl uvele waphela ihlaya wanxusa ukuthi intatheli nemithombo yayo ingayidukisi ngalolu daba ngoba yena usengumsebenzi woKhozi FM.
UMmoni Seapolelo okhulumela iSABC ukuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi kaPearl ezwakalisa ukushiya kulo msakazo.
“NjengeSABC sithanda ukubonga uPearl Maseko-Binqose ngomsebenzi awenzile kule nkampani futhi simfisela okuhle kodwa lapho aya khona,” kuchaza uMmoni.