UNGQUBUZANA ngamakhanda umndeni wakwaPhewa, okubulawe kuwo amabhungu amathathu ezihlalele ebuka ibhola ehostela KwaMashu, ngoMgqibelo ebusuku.
UMnuz Msizi Phewa (26), uMnuz Thandolwethu Phewa (24) noMnuz Mxolisi Phewa (21) abangabokudabuka eNtaphuka, eNdwedwe, bathelwe ngoyaba lwezinhlamvu, kungena abantu abangaziwa bevele beqeda ngabo.
Elandisa Isolezwe, uMnuz Vusi Phewa ohlobene nabagilwa, uthe batshelwe ukuthi isigameko senzeke ngabo-8 ebusuku.
“Azikho izitha zabo esizaziyo futhi akunangxabano abebeke basibikela ngayo. Yizingane ebezisanda kuziqedela isikole lezi, zihlala kuleli hostela KwaMashu, ukusondezela amatoho. Sishaqekile ngokubulawa kwazo ngoba akukho ngisho izimpi ezikhona noma ukungezwani kwabathile ngasekhaya,” usho kanje.
Abagilwa kuthiwa bebaziwa ngokudla indwangu kule ndawo abebehlala kuyo. Omunye wabo, ubewumthungi owaziwayo.
Owomndeni uveze ukuthi uMsizi noThandolwethu bashonele endaweni yesigameko, kwathi uMxolisi wadlula emva kwamahora amabili engeniswe emtholampilo KwaMashu. Uthe umndeni awukazi ukuthi uzothathani uhlanganise nani ukufihla abashonile njengoba isigameko siwehle ngenhla.
Kuthintwa ikhansela lendawo, uMnuz Sibusiso Mbhele, lithe belingakawutholi umbiko ngokubulawa kwabakwaPhewa
“Ngizolinda wona umndeni ukuthi ungithinte ungazise, ngeke ngizwe ngabamaphepha ngingazange ngizwe ngawo. Abamaphepha babhala izindaba ezingombombayi,” kusho lona ikhansela livala ucingo.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona ukuqinisekisa isigameko.
Lesi sigameko sandulelwe esenzeke eBityi, e-Eastern Cape, ngoLwesihlanu, lapho kuqothwe amalungu amahlanu omndeni. Kwabashonile abazali bobabili nezingane ezintathu. Kulesi sigameko, kuthiwa abazali bebelele kwenye indlu ngesikhathi abasolwa bengena bebadubulela kuyo ngaphambi kokuthi badlulele endlini ebilele izingane benza okufanayo. Kuthiwa ezinye izingane ebezikule ndlu zikwazile ukuphulukundlela zibaleka okuyizona ezibikele omakhelwane. Umfundi ofunda u-Grade 12, womndeni, kuthiwa usesimweni esibucayi esibhedlela emva kokulimala kulokhu kuhlaselwa.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uLieutenant General Nomthetheleli Mene uthe sekutshalwe abaphenyi abanamava ukuze baphenye ngalesi sigameko.
Ukubulawa kwabantu abaningi bendawonye kudla lubi kuleli kulezi zinsuku ikakhulu e-Eastern Cape. Esinye isigameko esishaqise abaningi esokuqothwa kwabangu-18 bemindeni ehlukene bendawonye okwenzeke eLusikisiki ngenyanga edlule. Kuthe kusabatshazwa lokho, kwadutshulwa abawu-10 okukholakala kuthi bebesekomitini elilwa nobugebengu emphakathini kuQumbu khona e-Eastern Cape, kubona kwashona abayisithupha.
USihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza koMnyango wamaPhoyisa ePhalamende, uMnuz Ian Cameron uthe kuyakhathaza ukudlanga kwezigameko zokubulawa kwabantu bendawonye.
“Le nto ayemukelekile imelene nenjongo yokuqinisekisa ukuthi elakuleli liyizwe eliphephile. Kumele kube nokusebenzisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi ukuze kugwenywe lezi zigameko,” usho kanje
Uthe kumele kwenziwe konke okusemandleni ukuthi kuqoqwe izibhamu ezingekho emthethweni ezixhaphakile.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa asesifundazweni, igcine iphunzile kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.