SEKUNTWELA ezansi ngokuthi uDiwali ube yiholidi eNingizimu Afrika njengoba kuleli sonto izinhlangano ezazilwela ukuthi lolu suku lube yiholidi zithole impendulo yokuthi uMnyango wezaseKhaya uzolubhekisisa.
Ngaphambi kokuthi usuku lwenziwe iholidi uMnyango wezaseKhaya uye udlulisele lolo daba kuMengameli ukuze aluse ePhalamende nasesizweni sonke ukuba siphawule ngalo. UDiwali ugujwa ngasekupheleni kuka-Okthoba.
UMnuz Ashwin Trikamjee onguMengameli weSouth African Hindi Maha-Sabha, uthe sekuphele iminyaka ewu-20 becela ukuthi uhulumeni enze uDiwali iholidi.
“Impendulo yoMnyango wezaseKhaya kulokhu iletha ithemba lokuthi uhulumeni uzolubhekisisa kahle udaba lokuthi uDiwali ube yiholidi. Saqala ukufaka lesi sicelo eminyakeni ewu-20 edlule. Uhulumeni wayethi kunamaholidi amaningi ezweni engafuni ukusilalela kodwa manje kubukeka sengathi kunomnyakazo omuhle.”
Ubalule ukuthi ukufakwa kukaDiwali emaholidini kuzobumba isizwe kwenze wonke umuntu wakuleli azizwe ebalulekile.
Uthe amaKhrestu anamaholidi amahlanu kodwa amaHindu, amaSulumane awanalo iholidi.
“Kubalulekile ukuthi uhulumeni alekelele ukubumba isizwe. Ukuba namaholidi ezinkolo ezihlukene kusozisa ukubumba isizwe. Sake saphakamisa nokuthi uhulumeni anike amaKhrestu amaholidi amathathu, anike amaHindu elilodwa namaSulumane athole elilodwa. Lezi zinkolo ziyasebenzisana ngisho kunemigubho ehlukene kubizwa abefundisi bazo zonke izinkolo ukuba bathandaze. Kubalulekile ukuthi namaholidi afake izinkolo ezihlukene.”
UMnuz Yogin Devan naye osemkhankasweni wokuthi uDiwali ube yiholidi, uthe uma lesi siphakamiso siphumelela kuyokwakheka isizwe esihloniphanayo, esibona wonke umuntu elingana eNingizimu Afrika.
Ubalule ukuthi uDiwali uyafana noKhisimusi nePhasika ngoba kuhlangana imindeni, umphakathi kube nemigubho yenkolo ebalulekile kubantu benkolo yamaHindu.
Uthe uma uDiwali uba yiholidi lokho kuzokhombisa ukuthi uhulumeni uzibophezele ekwakheni isizwe esibumbene yize sinabantu nezinkolo ezihlukene.