SEHLILE isibalo sezingozi nokufa kwabantu emgwaqweni ngempelasonto yePhasika, ngokukaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uNkk Barbara Creecy.
UNkk Creecy ekhuluma nabezindaba izolo, eKranskop Toll Plaza eLimpopo, uthe izibalo zehle kuzo zonke izifundazwe ngaphandle kwaseMpumalanga, lapho kube nengozi enkulu ngoLwesine ebusuku.
“E-Eastern Cape naseWestern Cape izibalo azikhombisi ukunyuka kodwa zilapho ezazikhona ngonyaka odlule. Kuzo zonke ezinye izifundazwe, sehlile isibalo sabafayo nezingozi,” kusho uNkk Creecy.
Uthe ngeke azikhiphe ngoba yinto abazoyenza uma sebeqede umkhankaso.
Uthe kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule amaphoyisa, amise izimoto ezingu-70 000, akhipha amathikithi angu-21 000 kwaboshwa abangu-512 ngamacala ahlukene ahlanganisa ukushayela bephuzile, ukushayela ngesivinini esiphezulu nokungabi nezimvume.
“Kuboshwe abahamba ngezinyawo abayisithupha ngokuhamba emgwaqweni ngokungemthetho futhi babeka engcupheni impilo yabanye abasebenzisa umgwaqo. Isibalo esiphezulu esabashayela bephuzile."
Uqhube wathi umkhakhaso wabo uqale ngoMashi 20 futhi kusukela lapho sebemise izimoto ezingu-782 000 bakhipha amathikithi angu-116 000.
Uthe kuboshwe abashayeli abangu-3 500 ngamacala ahlukene.
“Kuboshwe abahamba ngezinyawo abangu-89 ngokuhamba kuthelawayeka. Ngeke sikuvumele ukuthi abantu bahambe kuthelawayeka."
Uthe izimoto ezingu-2 200 ezingekho esimeni sokuba semgwaqweni ziboshiwe. Ezinye ezingu-2 500 zishaqiwe ngokungahloniphi izimvume.
Izibalo ezikhishwe ngumnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal izolo ekuseni, ziveza ukuthi bayisithupha abashone ezingozini, okuyisibalo esehle kakhulu kunesanyakenye ngalesi sikhathi njengoba babengu-21.
Kuboshwe abangu-13 abebeshayela bebukhile, kuboshwe nabanye abangu-24 abebevele benezincwadi ezigunyaza ukuthi zibakhalele.
"Kushaqwe izimoto ezingu-77, kwamiswa ezingu-15 657, kanti kubanjwe abangu-108 abebeshayela ngaphandle kwezincwadi. Kubhalwe amathikithi angu-258 okuhamba ngesivivini," kusho umnyango.