IMOTO: BMW M4 COMPETITION COUPÉ
NGESIKHATHI ngifaka isithombe seBMW M4 Competition Coupé kuFacebook, omunye umngani wami uncokole ngokuthi: "Ugade ingadabuli amabhantshi leyo shandisi".
Ngempela uma ungazibhekile, ungazithola udla inhlabathi noma uqoqa amathikithi emaphoyiseni ngenxa yokuthi isivinini isinyusa kalula.
Iphethe injini engu-3.0 litre six-cylinder twin turbo efuqa amandla angu-375kW ne-torque engu-650Nm. Amandla anyuke ngo-44kW uma uyiqhathanisa nendala, yona eyayino-331kW. Idonsa ngamasondo angemuva anamarimu angu-20" (awangaphambili angu-19") ngo-gearbox ozishintshayo oyiZF 8 speed futhi uma uthanda uwushintsha wena kuma-pedal shifters emuva kwesiteringi. Ngizwe ishintsha ngaphandle kwencu inkinga futhi ngesikhathi esifanele.
Ukunamathela kwayo emgwaqeni ne-torque oyithola kuma-revvs aphansi kuyenza isuke ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.9 kanti ijubane elikhulu ngu-290km/h. Nokukhasa phansi kwayo kwenza ikhona ilishaye ngesivinini kungabi ndaba zalutho ngoba nesiteringi sidinga usithinte kancane uyizwe nemoto iya lapho uyikhomba khona.
Labo abathanda ukuyilahlisa isinqa (drift) ikwenza ize ikutshele ukuthi wenze kanjani uma ineM Drive Professional kodwa kumele ukwenze endaweni ephephile futhi nayo iyakukhumbuza.
I-M4 Competition akuyona imoto yejubane kuphela njengoba ine-Adaptive M suspension namabhathini eM Mode esiteringini. Uyayishintsha indlela ushesi ozwakala ngayo, isiteringi, amabhreki nenjini ngokwentando yakho nokwenza kube lula ukuphila nayo nsuku zonke.
Iphinde ibe nebhathini elishintsha indlela eduma ngayo.
Uma uthatha ibanga elide, ngiyizwe ihamba kahle ngaphandle komoya ongena emawindini njengoba engenawo ama-frame. Enye inkinga ukuthi ibifakwe izihlalo eziqinile ezingamaM Carbon bucket seats ozifaka uma uthanda nezivele zenze umzimba ube buhlungu. Ziyakubamba unganyakazi uma ugijima kodwa uma unomzimba omkhulu ziyinkinga ngoba awukhululeki.
Isikhala kwezangemuva sikhona futhi ibhuthi nayo inkulu.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-10.3 ngo-100km.
Ngaphandle yinhle, ngaphakathi izinga liphezulu - ineBMW Live Cockpit Professional, ixhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, izimbobo zokushaja iselula ezimbili ngemuva nokunye.
Ngaphandle iyawadonsa amehlo nge-grille yayo enkulu kanjalo nama-air intakes enza injini iphole, LED headlights, ama-side sills ne-diffuser ngemuva ephakathi nezinqawe ezine.
Intengo
BMW M4 COMPETITION COUPE R1 940 000