IMOTO: JEEP GRAND CHEROKEE L OVERLAND
IJEEP Grand Cherokee ingenye yezimoto ezingagcini kuphela ngokuba ngezemindeni kepha nezikhulu ziyayithanda njengoba ngike ngiyibone isicela indlela iphayiza amalambu aluhlaza.
Imindeni izoyithanda kakhulu manje ngoba isikhala sandisiwe kwazise isilayisha abagibeli abayisikhombisa nokuyingakho igama layo selinoL (long) ekugcineni.
Ngaphandle kwesikhala, yengezwe nezinto eziningi njengoba sekuyinhlobo yesihlanu le entsha.
Ngaphandle iyabukeka futhi iyagqama njengoba inekhala elikhulu. Ngaphambili inamalambu angamaLED namafog lights ngezansi. Amarimu angu-20 inch asiliva amesha kahle nechrome esezibanjeni zezicabha, emawindini nasembhamlweni wegama layo ezicabheni zangaphambili. Ichrome ize iyoshaya ngemuva ewindini. Nakubhampa ngezansi ikhona kanjalo nasezinqaweni ezimbili.
Njengoba iwheelbase ingu-3 091mm nje, isikhala wudedangendlale ngaphakathi.
Sizihambela nomngani wami kube wukuciphiza ibhathini kwalala isihlalo sangemuva salayisha izimpahla zethu ngoba asibi sikhulu ebhuthini uma izihlalo zimi zonke.
Ugesi awugcini ukusebenza kwezangemuva kuphela kodwa nezangaphambili uzihlela ngawo. Zinjalo nje, ziyakwazi ukufudumala ziphinde ziqande.
Ngaphambili kunetouchscreen infotainment system lapho udlala khona umculo ngezipikha ezikhala kamnandi zeMcIntosh.
Yilapho khona futhi uhlela izinto zemoto, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, ubona inkombandlela, ubona ingemuva njengoba inekhamerra nokunye.
Nomgibeli naye unesakhe iscreen.
Khona uyakwazi ukuzidlalela umsakazo nomculo awuthandayo, abuke imovie noma abheke ukuthi abagibeli abangemuva bahleli kahle yini njengoba kunamakhamera phakathi. Okuvela la, umshayeli akakuboni futhi nomsindo awumphazamisi ngoba uzifakela amaheadphones ngeBluetooth.
Okunye okuhle wukuthi inkulu nje, akekho obanga indawo yokushaja ngoba zingu-12 izimbobo ze-USB.
Uma usungena emgwaqeni njengomshayeli uhlala kahle ngoba nesiteringi sihlelwa ngogesi ukuthi sisondele noma usiphakamise uma uthanda.
Ukuhlala kahle kwenza uyibone kahle nedigital instrument cluster eveza yonke iminingwane oyidingayo futhi kunehead-up display ngaphambili.
Injini ingu-3.6 litre V6. Inamandla angu-210kW ne-torque engu-344Nm no-gearbox oyi-8 speed automatic.
Intofontofo ngenxa yokuthi bayigaxe i-air suspension eyenza ukuthi ingawazweli amabhampu futhi ayinamsindo wangaphandle ngaphakathi.
Ithi uma ihamba ilokhu izihlela ukuthi iphakame noma yehle kangakanani ngendlela oshayela ngayo. Uma uyicisha kuyo iyehla ukuze kube lula ukuphuma nokungena.
Cishe injini yiyona nto ebuye iyiphoxe kancane. Amandla inawo, yebo, kodwa awayenzi ukuthi idlule enye imoto ngokushesha. Kumele ukale isikhala bese uyanyathela idonse amandla.
Lokhu kungenza abanye babheke izimoto ezifana ne-Audi Q7 nayo elayisha abagibeli abayisikhombisa, ene-air suspension nenjini kadizili eyongayo.
Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-13.8. Ithangi layo lingu-87 litres kanti ngihambe amakhilomitha angu-551.8 yaveza ukuthi isengahamba angu-76 ngaphambi kokuthu uphele uphethroli. Lokhu yinto engicabanga ukuthi incane kanti ukube udizili ubungahlala isikhathi.
Lapho eyingqwele khona kunezimbangi wukuthi iyi-4x4 yoqoba eyisiqwalantaba. Ukuphakama kungu-277mm. Iphinde ibe nediff ngemuva, 4x4 Low nehilll descend control.
Okuhle futhi wukuthi inenqwaba yezinsiza zomshayeli njengokuthi isho uma izoshayisa futhi ibhreke, ihamba ngejubane olikhethile iphinde inciphise uma kunemoto ngaphambili futhi iyakusiza ukuhlala emzileni.
Intengo:
Jeep Grand Cherokee L Overland - R 1 479 900
Zifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km.