ABASHAYELI baseNingizimu Afrika basemanqika ngokuthenga izimoto ezihamba ngogesi, ngokusho kocwaningo i-2020 South africa EV Car Buyer Survey.
Lolu cwaningo lwenziwe yi-AutoTrader ngokubambisana neGeneration.e futhi luveza ukuthi abathengi bakuleli bacabangani ngezimoto ezihamba ngogesi.
Isikhulu se-AutoTrader uGeorge Mienie sithe bangu-2% kuphela abathengi abanezimoto zikagesi kuthi u-13% uke wazishayela.
"Kodwa kuzonyuka ukuthandwa kwezimoto ikagesi. Ucwaningo luveza isikhala phakathi kwendlela abathengi abacabanga ngayo nokuthi imboni yona icabangani ukuze kusizakale abantu abanjengamagaraji, abakhiqizi bezimoto, abakhangisi nohulumeni."
Ucwaningo luveza ukuthi kusenovalo ngezimoto zikagesi.
"U-61% wabantu abaphendulile bakhale kakhulu ngokugqoza kwengqalasizinda yokushaja kwathi u-60% wabaphendulile wathi isikhathi sokushaja siyinkinga," kusho uMienie.
Uthe u-26% ukhale ngovalo lebanga ongalihamba ngebhethri nokuyinto eyayiphezulu phambilini. Uthe iningi lithe lingathenga izimoto ezingahamba ibanga elide ngebhethri.
"U-39% wabaphendulile uthe imoto kagesi kumele ikwazi ukuhamba ibanga eliphakathi kuka-300 no-500km ukuze bacabange ukuyithenga. Ngakolunye uhlangothi u-40% uthe bafuna izimoto ezihamba ngaphezu kuka-500km."
Uthe okunye obekukhathaza abathengi yintengo ephezulu kodwa manje sebethi bazimisele ngokukhokha kakhulu ngenxa yokuthi kushibhile ukuzinakekela kunezikaphethroli noma udizili.
U-74% uthe uzothenga izimoto zikagesi eminyakeni emihlanu ezayo.