IMOTO: NISSAN QASHQAI
INissan Qashqai iqale ukudayisa ngo-2007 futhi manje isilamaniswe ngenhlobo yesithathu.
Yinhle indlela ebukeka ngayo ngaphandle futhi kuningi okuthandekayo ngayo.
Izinga layo liphezulu nokufakazelwa wukuqokwa kwayo kowamanqamu emncintiswaneni, i-2023 South African Car of the Year. Lesi sicoco isibanga nezinye izimoto ezingu-20.
Ngaphandle inombala oluhlaza okwesibhakabhaka nokhakhayi olumnyama. Uma ungumuntu othanda isunroof, khohlwa ngoba ayikho.
Ngaphambili igrille igqize ngechrome bese iba namalambu angamaLED.
Amarimu mahle futhi makhulu njengoba engu-19 inch bese kuthi nangemuva ibe namalambu angamaLED.
Sisekhona ngemuva, bekungaba kuhle ukuba ibhuthi ivuleka ngogesi njengoba ivulwa ngesandla nje.
Kuyona ibhuthi, evuleke kahle ukulayisha impahla (504 litres), kunesondo eliyisipele elingu-17 inch.
Okumnandi ukuthi isikhala sebhuthi asiyimoshi indawo yabagibeli ngaphakathi kwazise iwheelbase ingu-2 665mm. Empeleni abahlanu bahlala ngokukhululeka. Mina ngimude ngila ko-1.68m kodwa amadolo awashayi nakancane ezihlalweni zangaphambili uma ngihleli ngemuva, ngikala ngokuthi ngingakhululeka yini nakwezangaphambili izihlalo.
Izihlalo lezi ziyisikhumba. Ezangaphambili zihlelwa ngogesi futhi ziyakwazi ukufudumala.
Zingisize kabi ngiphuma ukuyogijima umjaho, iBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon, eMnambithi ngempelasonto edlule ngoba endleleni bese zingiwotawota. Akusona esomshayeli kuphela esiwotawotanayo kepha nesomgibeli.
Ngaphambili bayakhe kahle izinga balikhuphulile. Ngithanda itouchscreen infotainment system yayo enkulu futhi egqama kahle. Yilapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay, ikuvezela inkombandlela, udlala umsakazo ngezipikha ezikhala kamnandi zeBose, ubona ingaphandle lonke njengoba inamakhamera zinhlangothi zonke.
Okunye enakho yizindawo ezinhlanu zokushaja – yokushaja ngaphandle kwentambo, ezimbili ngaphambili nezimbili ngemuva – bese ikuvumela nokuthi umgibeli azihlelele yena amazinga okushisa ngendlela afuna ngayo.
IQashqai entsha ihamba kamnandi emgwaqeni ngenjini engu-1.3 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-110kW/250Nm. Idonsa ngamasondo angaphambili ngogearbox ongumshini ozishintshayo, iCVT. ICVT angiyikhonzile ngendlela eshintsha ngayo ngoba uma uyinyathela ike ibambelele egiyeni yenze imoto ibe nomsindo kodwa akukho konke lokho kule. Ishintsha kamnandi. Nomsindo wenjini awuwuzwa nhlobo.
Ithangi likaphethroli lingu-55 litres. KwaNissan bathi idla amalitha angu-6.1 ngo-100km, kimi ibidla angu-6.8/100km kuthelawayeka uN3. Sekuhlangene nokuhamba edolobheni, ikhuphukele ku-7.3l/100km futhi uma igcwele ihamba ibanga elingaphezulu kuka-700km.
Ezokuphepha ziqiniswe ngokuthi ibike uma uzoshayisa, iyakusiza ukuhlala emzileni futhi iyakwazi ukuhamba ngebanga olikhethelile iphinde ilehlise uma kunemoto ephambi kwakho.
Izinga linyuke kakhulu kule moto kanjalo nentengo. Intengo iyenza incintisane nezimoto ezifana neVW Tiguan, Kia Sportage, Hyundai Tucson nezinye.
Intengo:
Acenta PLUS Xtronic CVT - R 670 600