I-TOYOTA Corolla yimoto engadingi kwethulwa ngoba abantu abaningi bayayazi futhi isineminyaka yaqala ukusetshenziswa emhlabeni naseNingizimu Afrika.
Le moto yethulwa okokuqala ngo-1966, ingenye yezintandokazi zakuleli futhi ezinesandla ekufukuleni umnotho. Okuyenza ibe yimoto ebalulelekile yingoba ibikhiqizwa efemini yakwaToyota eProspecton, eThekwini kwaze kwaba wunyaka odlule kodwa ukwakhiwa kweCorolla Quest, esuselwe kwiCorolla endala, khona kusaqhubeka.
IToyota yamemezela ukuthi izotshala ezinye izigidi zamarandi efemini yayo ukulungiselela ukukhiqiza imoto entsha kusukela ngonyaka ozayo. Le Corolla yesizukulwane sika-12, ifana neCorolla hatch uma uyibuka, ikakhulukazi ngaphambili.
Uma uyibuka ngohlangothi ikhasa phansi kwazise bayehlise ngo-20mm. Amarimu ayo makhulu angu-18 inch. Ngemuva bayenze yabukeka kahle ngamalambu amancane nobhampa onombala omnyama. Ngaphakathi isihlalo somshayeli usihlela ngogesi futhi ivulekile abagibeli abayisweli indawo yokuhlala. Sikhulu isikhala ebhuthini, uyakwazi nokusandisa ngokulalisa izihlalo zangemuva. Uyakwazi nokuyivula ungaphakathi ibhuthi.
Ngaphambili alukho uxhaxha lwamabhathini. Kukhona itouchscreen enkulu eme yagqama okuyilapho ulawula khona umsakazo, ikuvezele indlela edla ngayo uphethroli nekhamera ngemuva uma uhlehla. Uphinde ukwazi ukuxhuma iselula nge-apple carplay okanye i-Android Auto uma uthanda. Okumnandi ukuthi kukhona izimbombo ezimbili zokushaja nge-USB.
Okunye enakho yi-aircon, yize kungeyona lena yokuthi oseceleni azikhethele yena awakhe amazinga okushisa nomshayeli naye akhethe athandwa nguye njengakwiCorolla hatch, amawindi kagesi, yisiteringi osisethayo ukuthi sime kanjani, isibuko sokujeqeza emuva esizidimelayo nokunye.
Injini iCorolla XR ehamba ngayo ingu-2.0 litre ekhona nakwiRAV4 yakwabo. Ikhipha amandla angu-125kW netorque engu-200Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyiCVT. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-6.0 kodwa ngesikhathi sihamba ngayo ibidla angu-7.7.
Emgwaqweni ihamba kahle ayishodi ngamandla. Kunama-paddle shifters ngemuva kwesiteringi uzishintshele wena igiya uma uthanda. Kunebhathini lokuyifaka ku-Sport , lapho usheshe uwezwe amandla uma ufaka amafutha futhi ngaleso sikhathi isuke ishintsha nokuduma ibe nomsinjwana.
Emakhoneni iyabambelela lokho okusizwa ukuthi ikhasa phansi futhi inamasondo amakhulu. Nakwi-suspension yayo bayishintshile nokuyenza ibambelele kangcono emgwaqweni.
Uma uhamba ngayo uzizwa uphephile ngoba kuningi enakho okusiza umshayeli. Iyakusiza ukuhlala emzileni ngokuthi izijikise yona isiteringi mbijana uma iphuma, iyakwazi ukuhamba ngejubane elilodwa izinciphise ijubane uma kukhona imoto ephambi kwayo, iyasho uma izoshayisa futhi iyasho uma kunemoto eceleni.
Inama-airbag ayisikhombisa, indawo yokufaka isihlalo sengane ne-ABS, EBD, BAS, VSC neHAC.
IToyota ilinyuse kakhulu izinga leCorolla ngenxa yezinto enazo yenyuse nentengo yayo. Yigama abalethembayo futhi uma ufuna eshibhile, ikhona iCorolla Quest esuselwe kwiCorolla endala.
Inani
Corolla 2.0 XR CVT - R 433 700
Ifika neservice plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km futhi kumele iseviswe njalo emuva kokuhamba u-15 000km noma izinyanga ezingu-12. Ine-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.