KUNOKUDIDEKA kwabantu abaningi uma kushona izihlobo zabo bese zishiya izikweletu ikakhulu esemoto noma esomuzi.
Lokhu kudideka kuthatha elinye igxathu uma kutholakala ukuthi oshonile ubengenalo uhlelo lokucaza ifa lakhe (will).
Kuba yinkinga uma izimpahla azishiyile ebezikade zisesikweletini zingabiwanga.
“Lesi simo sibonakale ezinsolweni zokuthi umculi odumile uRiky Rick, oshone kulo nyaka, ubengayabanga ifa lakhe uma engasekho,” kusho ungoti wezomthetho.
Uthe kunezinhlelo zokwaba impahla ozikweletayo nokubaluleka kwencwadi yamafa.
Life Protector Cover: Uma uthenga impahla ebizayo ngesikweletu njengemoto noma umuzi, uyakwazi ukuthatha iLife Protector. Ikhokhela isikweletu ngokugcwele uma osithathile eshona. Imoto ayidliwa kodwa iyakhokheleka isale emndenini. Kujwayelekile ukuthi kwenzeke ngesikhathi ethatha isikweletu kodwa uyakwazi nokuyifaka le cover ngisho isikweletu sesisidala kodwa uma usasikhokhela. Isiza umndeni wakho ukuthi ungasali nengcindezi yezikweletu uma ungasekho.
“Kubalulekile ukushiya umndeni wakho nesipho sokugcina sempilo nokuphila kahle. Imali oyikhokha ngalo mshwalense iya ngokuthi isikweletu onaso ngesamalini. Kungakuthusa ukuthi incane kangakanani imali ongayengeza emalini oyikhokhela isikweletu ngenyanga. Kubalulekile ukuthi uthintane nebhange noma umshwalense bakuchazele nangemigomo nemibandela.”
Ukubaluleka kokwenza incwadi yokwaba amafa: Ukubhala incwadi yokwaba amafa kuyawusiza umndeni wakho ezinkingeni zombango. Umbango uqala ekutheni wonke umuntu afune ingxenye yefa kodwa wena mnini wempahla uma ungazange ubeke ukuthi ngubani uzothola ini, kugcina sekubanga enkulu ingxabano emndenini.
•Incwadi yefa iqinisekisa ukuthi lowo ofuna athole ifa lakho uma ungasekho, ulithola njengokufisa kwakho.
• Uyaqoka ukuthi ngubani ozohlanganyela udaba lokucazwa kwefa noma kwezimpahla zakho njengemoto nezinye. Lowo kusuke kuwumuntu othemba ukuthi unolwazi olunzulu ngales simo futhi uzokwenza ngendlela. Kungaba yi-executor noma iTrustee yefa.
•Ungabeka nalowo ozobhekelela ukukhuliswa kwezingane zakho ozozishiya okanye agade imoto yakho izingane zize zikhule. Lowo muntu umqoka ngokuthemba ukuthi uzofeza izidingo zezingane ngendlela zize zifike eminyakeni lapho sezisegunyeni lokuzibhekela ifa.
•Incwadi yefa uyakwazi ukuyenza kubameli, ebhange lakho noma ezinkampanini ezingochwepheshe kulo luhlelo.