IMOTO: KIA CARNIVAL
INTO eyinkinga kakhulu uma nihamba nibaningi emotweni yisikhala sokubeka impahla ngoba sivele siphele ngenxa yokusuke nikuphethe.
Abanye baze babhekisise ukuthi yini abazoyishiya okanye kube khona abasalayo.
Lokho kuwumlando kwiKia Carnival ngoba ngaphandle kwesikhala sabagibeli, nesempahla wudedangendlale. IKia Carnival ifike kulo nyaka ukuzovala isikhala seGrand Sedona.
Inde iwuhuntshu olubukekayo nokho. Ngaphambili ine-grille enkulu egqize nge-chrome neyenza igqame. Inamalambu angamaLED nokuyinto ekhona nangemuva. Amasondo makhulu anamarimu angu-19 inch.
Ibhuthi nezicabha zasezinhlangothini akudingi mandla ngoba kuzivulekela ngogesi nokuyinto efanayo noma usuvala.
Uma usuyivulile ibhuthi ubingelelwa yisikhala esikhulu esingu-1 139 litres. Okusenza sibe sikhulu wukuthi sishona phansi futhi uyagoba kancane uma ulayisha. Uma ufuna esithe xaxa sikhula sifinyelele ku-4 110 litres ngokususa izihlalo zangamuva.
Izihlalo sezizonke kwesihamba ngayo ziyisikhombisa ukubala nomshayeli.
Zimbili phakathi nendawo bese kuba ngezihlalisa abathathu ngemuva. Ezaphakathi zinendawo yokuphumuza ingalo futhi amawindi anamakhethini uma ungafuni ukubonwa. Angisale sengikutshela ukuthi okhakhayini kune-sunroof ngemuva nenye ngaphambili.
NjengeKia Sorento yakwabo, inenqwaba yezindawo zokushaja nge-USB nangemuva njengoba ngaphambili kukhona ezintathu neyokushaja ngaphandle kwentambo.
Ngaphambili izihlalo ziyafudumala ziphinde ziqande futhi zihlelwa ngogesi.
Inombala o-cream kwezinye izindawo ngaphakathi nokuyinto engibona izodonsa ukungcola kalula. Ine-screen esikhulu se-touchscreen infotainment system lapho udlala khona umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay futhi ubone nengemuva uma uhlehla. Umsindo uwulawula kumabhathini asesiteringini.
ICarnival ungayibona kuyimoto enkulu kodwa kulula ukuyishayela. Inenjini engu-2.2 litre turbodiesel enamandla angu-148kW ne-torquee ngu-440Nm. Ino-gearbox oyi-8 speed automatic oshintsha buthule noyenza ihambe kamnandi. Kudizili ibidla amalitha angu-7 ngo-100km. Ayinamsindo ngaphakathi, amabhampu awuwezwa kakhulu futhi noma ujika ikhona umzimba awulali nayo kakhulu.
Ngaphandle kwenjini eyihambisa kalula kodwa noma upaka akuwona umzukuzuku. Lokhu kungenxa yokuthi ayithathi indawo enkulu ukujika futhi ngaphandle kwekhamera kodwa inama-sensor asiza uma upaka.
Nezokuphepha ziyinqwaba njenge-adaptive cruise control eyenza ukuthi ihambe ngejubane olikhethile futhi inciphise uma kunemoto phambi kwayo. Injalo nje iyazijikela isiteringi ukuhlala emzileni futhi iyasho uma kunemoto eseceleni.
Intengo:
Carnival 2.2 CRDi SX Limited 8AT 7-Seater - R999,995
Ifika ne-maintenance plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.