UKUNYUKA kwenzalo yemalimboleko kungase kuphazamise ukuthengwa kwezimoto kule nyanga, ngokusho kweWesBank.
Okhulumela iWesBank, uLebogang Gaoaketse, uthe lokhu kungenxa yokuthi abantu bazobe bebheka ukuthi bazokwazi yini ukumelana nentengo yezimoto noma balinde ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthenga.
“Ngale kwalokho kodwa inzalo yemalimboleko isephansi nokwenza ukuthenga imoto kube yinto ehehayo okwamanje,” kusho uLebohang.
Uthe inzalo ingase inyuke futhi nokunika ithuba ukuthi imboni iphothule ukudayisa ingakanyuki ukuze abantu bezokonga ekuqaleni kwezinkontileka zabo.
IBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) lisanda kunyusa inzalo yemalimboleko ngo-75 basis points ngenxa yokwehla kwamandla emali.
Lokhu kusho ukuthi i-prime lending rate, okuyimali ekhokhwa ngabantu uma benza izikweletu isiku-9%.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe kunzima ukubona ukuthi imboni iqhuba kanjani ngenxa yezibhelu zangoJulayi KwaZulu-Natal naseGauteng nyakenye.
Ithe izimoto ezidayise ngoJulayi zibe ngu-43 593 nokuyisibalo esinyuke ngo-10 281 noma u-30.9% uma kuqhathaniswa no-33 312 owadayiswa ngoJulayi ngonyaka odlule.
Izimoto ezidayiswe ngaphandle zibe ngu-31 242 nokuwukunyuka ngo-19 990 noma u-177.7% uma kuqhathaniswa no-11 252 ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Isibalo sezimoto ezincane ezidayisile sinyuke ngo-10 517 noma u-50.2% zaba ngu-31 455 ekubeni ngoJulayi nyakenye zazingu-20 938.
Ama-light commercial vehicle, amaveni namatekisi abe ngu-9 547.
IToyota South Africa Motors yiyo edayise kakhulu ngezimoto ezingu-7 110. Ilandelwa yiVolkswagen Group South Africa ngo-6 204, iSuzuki Auto ngo-4 734, iHyundai Automotive South Africa ngo-2 965 neNissan ngo-2 625.
I-IOL Motoring, esesitebeleni esisodwa neSolezwe, ibike ukuthi iToyota Urban Cruiser yiyo ethengwe kakhulu kudayisa angu-1 854.
Nazi ezingu-20 ezithengwe kakhulu:
1. Toyota Urban Cruiser - 1 854
2. Ford Ranger - 1 838
3. Volkswagen Polo Vivo - 1 820
4. Isuzu D-Max - 1 602
5. Suzuki Swift - 1 521
6. Toyota Starlet - 1 264
7. Nissan NP200 - 1 213
8. Volkswagen Polo - 1 166
9. Renault Kiger - 1 099
10. Toyota Hilux - 1 012
11. Volkswagen T-Cross - 1 007
12. Mahindra Scorpio Pik-Up - 847
13. Renault Kwid - 836
14. Hyundai Venue - 702
15. Chery Tiggo 4 Pro - 689
16. Suzuki Vitara Brezza - 636
17. Haval Jolion - 622
18. Hyundai Atos - 615
19. Kia Picanto - 601
20. Kia Sonet - 578