IMOTO: VOLKSWAGEN POLO SEDAN
KWETHULWE inhlobo entsha yeVolkswagen Polo Sedan, engagcini ngokuthandwa yimindeni kodwa nabanamabhizinisi okuthutha abantu.
IPolo Sedan, nokuyiyona yodwa isedan kwaVolkswagen kuleli, yaqala ukudayisa kusuka ngo-2011. KwaVolkswagen bathi sebedayise abangaphezu kuka-44 267.
Entsha ihlukene ngezinhlobo ezintathu – yiPolo Sedan, Life neLife Tiptronic. Ifika namalambu angamaLED ngaohambili nangemuva, amarimu angu-16 inc kumaLife, ichrome emawindini nasezibanjeni zezicabha.
Ngaphakathi bathi ivulekile ukuze abagibeli bahlale kahle futhi isikhala ebhuthini singu-521 wamalitha.
Phakathi kwezinto enazo yitouchscreen infotainment system futhi ezinye izinhlobo ziyakwazi ukushaja ngaphandle kwentambo.
Inezikinobho esiteringini, icruise control, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, i-aircon, izibuko ezihlelwa ngogesi, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo nokunye. Akukho okwazi ukukwengeza njengakwezinye izimoto zakwaVW.
Kunenjini eyodwa engu-1.6 welitha, enamandla angu-81kW netorque engu-152Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual noma ozishintshayo oyi-6 speed Tiptronic. Kuphethroli bathi idla amalitha angu-6.2 ngo-100km.
Ezokuphepha kubalwa kuzo ama-airbag ayisithupha, iyakwazisa uma isondo lehlelwe wumoya, iyakusiza ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo futhi ine-Electronic Stability Control.
Intengo:
Polo Sedan 1.6 81kW Manual R318 300
Polo Sedan Life 1.6 81kW Manual R345 600
Polo Sedan Life 1.6 81kW Tiptronic R365 500
Ifika neservicce plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.