Kuzoncipha amaphathi alandwa kwamanye amazwe ezimotweni zakwaToyota South Africa Motors (Tsam) uma sekuvulwe ifemu entsha yokukhiqiza i-Ogihara South Africa eDube Tradeport, eThekwini, ngoJulayi wonyaka ozayo.
Lesi simemezelo senziwe yisikhulu sakwaTsam, uMnuz Andrew Kirby ngesikhathi kwethulwa i-Ogihara SA ngoLwesine ekuseni.
Uthe kutshalwe uR1.2bn wokwenza le femu kanti IToyota Ifake imali engaphezu kuka-R500 million kwathi enye yaqhamuka kwi-Ogihara SA.
INingizimu Afrika ijoyina amazwe angaphezu kwayisishiyagalombili ukuba negatsha le-Ogihara.
I-Ogihara ikhiqiza amaphathi asansimbi okubalwa kuwo asebenza emzimbeni wemoto, kwi-suspension, kwishesi, kuma-frame ezihlalo nakwezinye izindawo.
UKirby uthe uma isivuliwe, amaphathi abawasebenzisa uma bakha iFortuner neHilux efemini yabo eseProspecton sebezowalanda e-Ogihara SA.
Uthe ngalokhu kuzoqashwa ngokugcwele abantu abangu-250 kudaleke namanye amathuba omsebenzi emphakathini.
“Le mali elinganiselwa kuR1.2bn ekhishwe ngokuhlanganyela yi-Ogihara South Africa etshale uR630m neToyota South Africa Motors etshale uR545m izokwenza ukuthi kwande okukhiqizwe kuleli kwiHilux neFortuner. Ukwenza isibonelo, izinto ezikhiqizwe kuleli kwiHilux zizonyuka zisuka ku-52 ziya ku-54%,” kusho uKirby, obalule ukuthi babambisene neToyota Tsusho Africa ne-Ogihara Thailand.
Uthe lokhu kunyuka ngo-2% kwengeza imali elinganiselwa kuR700 million kwabayichitha kuleli bethenga ngonyaka.
Uthe akhona amathuba okuthi kwandiswe nemikhiqizo yakuleli esebenza uma kwakhiwa iCorolla Cross futhi ufuna basebenzisane ne-Ogihara Thailand ukuwabheka.
Isikhulu sakwa-Ogihara Thailand, uMnuz Hiroshi Morita, sithe sibonga kubo bonke abantu ababe yingxenye yokutshalwa kwemali ngoba benze kwaba yisinqumo esilula.
“Okwenza le mpumelelo ibe yinhle kakhulu i ngabantu abayingxenye yayo. Sinabantu abehluke kakhulu okungabantu abaqhamuka eJapan, abaqhamuka eThailand, Korea, India, Pakistan nababalulekile okungabantu baseSouth Africa. Sonke sihlanganyele ngokubambisana ukwakha le nto eyisimanga. Lolu bumbano luyakhombisa ukuthi uma sisebenzisana ngokubambisana singenza noma yini. Asakhanga kuphela izindonga kodwa sibumbe isisekelo sekusasa eliqhakazile kulo mphakathi,” kusho uMorita.
Kulo mcimbi bekukhona uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni kuzwelonke uMnuz Parks Tau, uMphathiswa wokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi nezinye izikhulu.