IZINHLANGANO ezimele osomatekisi abaxakwe izikweletu ziphakamisa ukuba kube nezinguquko ohlelweni lokuqedwa kwamatekisi amadala.
Abamatekisi bafuna kunyuswe imali abayitholayo uma behambisa izimoto ezindala ziyofahlazwa, baphinde baphakamise nokuthi kushintshwe nombandela othi izimoto ezisuka ku-2006 kuya le kuphela ezamukelwayo ukuba zifahlazwe.
Uhlelo lokuqedwa kwamatekisi amadala athathwa ngokuthi awaphephile, lwaqalwa ngo-2006.
Ngesikhathi luqala imoto yayikhokhelwa u-R50 000, yalokhu inyuka yaze yafika ku-R151 000.
Abamatekisi bathe bafuna ukuthi imali abayinikwayo okungenani ilingane nehhafu wemali yemoto entsha.
Okhulumela i-Santaco, uNksz Mmatshikhidi Rebecca Phala, uthe kunzima ukuthenga amatekisi amasha ngenxa yokuthi amabhange awabathembi.
“Le mali esiyitholayo uma sihambisa izimoto zethu incane kakhulu uma uyiqhathanisa nentengo yemoto entsha. Kufanele kube nohlelo oluzokwenza ukuthi amabhange asethembe uma sizofuna isikweletu.”
UNksz Phala uthe bafuna nokuthi kusheshiswe uhlelo lokukhishwa kwezimvume zokusebenza.
Okhulumela i-National Taxi Alliance, uMnuz Theo Malele, uthe kabajabule ngohlelo olulandelwa amabhange uma ebheka izicelo zabafuna izikweletu zokuthenga amatekisi.
UMalele uthe abamatekisi bagcina sebenikezwa imibandela eyenza ukuthi kube nzima ukuthi bakhokhele izimoto zabo.
“Ake sibheke emzileni lapho khona itekisi lenza u-R600 ngosuku. Lokhu kusho ukuthi imoto yenza uR3 000 ngesonto. Lapho kusafanele kukhokhelwe umshayeli. Ekugcineni umnikazi wemoto usala no-R2 800 ngesonto. Lokho kusho ukuthi ngenyanga uthola u-R11 000. Le mali incane kuno-R18 000 ofunwa ibhange. Incane kakhulu.”
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, uNkk Barbara Creecy, usanda kusho ukuthi bayazi ukuthi abanikazi bamatekisi bakhokha imali enkulu kunale abayitholayo.
UNkk Creecy uthe indaba yamatekisi angaphephile kufanele ibukwe ngeso elibanzi, wathi nabashayeli imbala abafuni ukushayela izimoto ezingaphephile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emsakazweni i-702.
UMalele uthe imali abayithola uma behambisa amatekisi amadala kufanele inyuswe ibe okungenani u-R225 000, athe uwuhhafu wemali yetekisi elisha.
“Abamatekisi kufanele basale nesikweletu sika-R225 000 okungenani. Bangakwazi ukukhokha u-R12 000 ngenyanga, akufanele imoto bayikhokhele isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-60.”