KUSEMINI bebade, yisikhathi samaholidi kanti kumnandi emakhaya. Injabulo iyachichima ngoba umndeni uhlangene kudilike neGoli, intokozo esemakhaya ngalesi sikhathi ingefaniswe nalutho.
Abanye baganiwe, abanye bayizimpohlwa. Kuphithizela omakoti ekhaya kudlalwa nomculo egcekeni ngoba obhuti bathamele umthunzi futhi baqhuba amancoko. Bakhumbuzana ngezakamzukwana ngoba kade bagcinana phela babuya kanye ngonyaka.
Omakoti bayashabasheka balungisa ukudla kuza ngamatreyi phansi kwesihlahla nezingane ziyagxumagxuma egcekeni ziyadlala umndeni uhlangene kumnandi.
Manje awusho-ke wena, kukona konke lokhu okwenzeka lapha ekhaya awudliwa nje unembeza usubona abafazi babafowenu bekulethela ukudla ngoba wena awuganiwe awunamfazi? Kuthini nje kuwena uma abafowenu sebeteketisa abafazi babo, bencoma uma benyathela egcekeni? Angithi wena uwubhuti owumgulukudu oyohlanganisa iminyaka engu-40 ubudala. Uyasebenza uhlala eGoli, kodwa ungumbhunguka nje, obuya kanye ngonyaka, awunayo nendlu ethi wena.
EGoli ushintshanisa amantombazane awufuni ukuganwa, uthembeni ngempela? Uzowashelwa ngabashana kuze kube yinini? Uma ufa uyohlalelwa ngubani etshalini? Njengoba ngithi sichathe, sichathile izingane zolala kogogo wena uzobe uzisonge ngengubo embhedeni kamshana, abafowenu bedlalisa izinqa zabafazi babo emalawini wena usuzelwa umshana ekamelweni ngoba wena awunamfazi.
Sichathe, sichathile izingane zolala kogogo, abafowenu bayalamanisa emalawini abo, kumnandi bazovuka bejabule wena uwumthwalo komakoti. Uma bebekela abayeni babo amanzi okugeza, kumele babekele nawe kodwa uyasebenza awunamfazi. Awuganwa ngani ngempela ngoba ugugile manje?
Namhlanje eLawini likaMagumede sifisa ukugqugquzela bonke abesilisa abangaganiwe ukuthi, madoda akube owokugcina lonyaka uphakelwa abashana. Ganwani ningaze nibange iscefe emakhaya. Kunesdina ukuwashela umdodovu wendoda endala, nakhona ebhungukile ebuya kanye ngonyaka, izingane aziyolala zonke kogogo nezakho.
Egcekeni uma nizinsizwa nibahlanu, akuphithize omakoti abahlanu, nithi noma nihleli emthunzini nibabuka nimoyizele nibancome. Uthi noma iGoli lidilika kodwa wazi ukuthi udilikela kumfazi wakho emakhaya hhayi okuzothuma abashana. Ngeke uzoba nescefe. Le ngosi inifisela uKhisimusi onokuthula noNcibinjane onezibusiso.