NJENGOBA sekuqale amaholidi okuphela konyaka, baningi abantu abahlela ukuhambela ezindaweni ezehlukene, bahlangane nabantu ababathandayo, okungenza kube lula nokuya ocansini.
Kungakhathalekile ukuthi abantu bazobe behlangana okokuqala noma cha, kodwa iqiniso wukuthi isikhathi samaholidi yilapho kwanda khona amathuba okuthi abantu bazithokosize ngokuya ocansini.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health shipha amathiphu angasiza abantu baziphephise bagweme ingozi uma kwenzeka beya ocansini njengoba injabulo yamaholidi okuphela konyaka isiphezulu ebantwini.
1. Khuluma nomuntu ozoya naye ocansini:
– Ngaphambi kokuya ocansini, kusemqoka ukuthi uqale ngokuxoxa nomuntu wakho. Nakuba kungelula ukukhuluma ngocansi, kodwa kuyasiza ukwakha ukwethembana nokukhululeka. Phakathi kwezinto eningakhuluma ngazo kungaba wukubuzana ngabantu enithandane nabo phambilini, wukuhlolwa izifo ezithelelana ngokocansi, wukuhlela umndeni nenikulindele uma niya ocansini.
Nansi imibuzo esemqoka eningabuzana yona:
– Ugcine nini ukuhlolwa izifo ezithelelana ngokocansi? Kukhona mhlawumbe okuthile ngokuya ocansini ofisa sikhulume ngakho, kungaba okuthandayo noma ongakuthandi?
Yimiphi imikhiqizo yokuzivikela neyokuhlela umndeni othanda ukuyisebenzisa? Ukubuzana le mibuzo neminye efuze yona kungasiza ukwakha ubudlelwano obunesisekelo esiqinile.
2. Amajazi omkhwenyana
– Amajazi omkhwenyana angenye yezindlela ezisizayo ukugwema izifo ezithelelana ngokocansi nokukhulelisana okungahleliwe. Okuhle ngawo wukuthi atholakala kalula, awambi eqolo futhi kulula nokuwasebenzisa. Owesifazane nowesilisa uyakwazi ukuwasebenzisa kalula ukuzivikela.
3. Ukugoma noma ukujova
– Ukugoma kungasiza ukwandisa amathuba okuvikeleka ezifweni ezithelelana ngokocansi kubalwa ne-human papillomavirus (HPV) ne-hepatitis B. I-HPV yigciwane elijwayelekile elingaholela ezinhlotsheni ezehlukene zomdlavuza; kubalwa nomdlavuza wesilebetho neminye.
4. Yazi ukuthi umuntu wakho umi kanjani ezifweni zocansi
– Ukwazi ukuthi unaso noma awunaso yini isifo esithelelana ngokocansi, kanjalo nakumuntu wakho, kusemqoka kakhulu ukuya ocansini oluphephile. Ukuhlale uhlolelwa lezi zifo kubalulekile ikakhulu uma unabantu abangaphezu koyedwa othandana noma oya ocansini nabo, nalapho uqala ubudlelwano obusha kwezothando.
5. Qonda ukubaluleka kwe-PrEP
– I-Pre-exposure prophylaxis (PrEP) yimikhiqizo yemithi noma amaphilisi okusetshenziswa nsuku zonke ukwehlisa ngo-90% amathuba okutheleleka ngengculazi. Ngakho uma uzohambela ezindaweni ongajwayele ukuya kuzona noma uzoqala ukulala nomuntu omusha, i-PrEP ingakusiza kakhulu.
6. Ubungozi botshwala, izidakamizwa nokuya ocansini ningavumelene
– Amaholidi okuphela konyaka abandakanya ukujabula ngokuphuza utshwala, kodwa ukuphuza ngokweqile kungaba nomthelela omubi ezinqumweni esizithathayo. Kubalulekile futhi kuyasiza ukuqaphela isilinganiso sotshwala nezidakamizwa okusebenzisayo ukuze ungenzi noma kungenziwa kuwe into obungeke uhambisane nayo usesimeni esikahle.
7. Imikhiqizo esheshayo yokuzivikela
– Kwesinye isikhathi izingozi ziyenzeka njengokuthi ngenxa yokuba budedengu, uye ocansini olungaphephile noma kuqhume ikhondomu. Yilapho-ke okusiza khona imikhiqizo esheshayo yokuzivikela okusuke kumele uyisebenzise engakadluli amahora awu-72 uye ocansini.