BAKHALA ezimathonsi abafuyi baseMakhuzeni, eHighflats, belahlekelwa yizinkomo ezingu-31 esikhathini esingangesonto, zihlinzwa amasela okusolwa ukuthi asuke efuna ukuyozidayisa.
Ngokuthola kweSolezwe, kutholwe izikhumba zezinkomo ezinhlanu izolo, ezingu-19 zihlinzwe ngoLwesibili, kwathi eziyisikhombisa zahlinzwa ngoMgqibelo.
Kuchaza omunye wabalahlekelwe, uMnuz Nkomozomlungu Ngubo uthe zihlinzelwa emadlelweni endaweni yaseMapulazini naseMphambanyoni.
Uveze ukuthi yena ulahlekelwe ezinhlanu, esehlakalweni sokuhlinzwa kwezingu-19 esenzeke ngoLwesibili.
Elandisa ngaso uthe bashayelwe ucingo abanye omakhelwane ebebeyobheka imfuyo yabo emadlelweni.
“Bavele bazithela phezu kwezinsalela zazo. Bese kusele izinhloko, izikhumba, imilenze, nezisu,” kusho uNgubo, othe nomswane ubugcwele yonke indawo.
Uthe amasela bese ekhale emuka, akekho owabonile.
“Bese kusele nje amaloba ezimoto, kucaca ukuthi inyama yezinkomo zethu ikudekude,” kusho uNgubo.
Uthe basola ukuthi amasela asuke eyozidayisela abamabhusha naboshisanyama abagqugquzela lobu bugebengu ngokuthi bayithenge le nyama.
Ukhale ngesihlava athe sibhilitile futhi sesiyiqedile imfuyo yabo.
“Ifike yenzeke izikhathi zilandelana ezindaweni ezehlukene. Kubuye kuthule. Kuphinde kuqale phansi njengoba kubukeka sengathi kuqale phansi njengamanje,” kusho uNgubo.
Uphinde wakhala nangokusondela kwebhizi kaDisemba, ethi mhlawumbe nayo inomthelela ekubulaweni kwemfuyo yabo.
Uphinde wathi: “Basibulale siphila. Sifuna ukuqhamuka neqhinga lokulwa nalesi sihlava siwumphakathi. Mhlawumbe kungasiza uma singaba nomhlangano sicobelelane ngokuthi singenzenjani. Siyafuna nokuthi amaphoyisa angenele, asisize.”
Induna yendawo uMnuz Bhekani Phungula ithe ibikelwe ngezigameko.
“Ngikhuluma nawe nje, ngibuya kwenye indawo lapho kuhlinzwe khona eziyisikhombisa. Yinto esijwayele ukwenzeka lena, kodwa kusishaqisile okwalezi ezingu-19,” kusho uPhungula.
Uthe ezinye izaba ezingenziwa ukuthi imfuyo ingayekwa yodwa isikhathi eside emadlelweni ngoba amasela aba nesikhathi sonke eyihlinza, eyilayisha ezimotweni.
“Mhlawumbe nokubonakala kwamaphoyisa ezulazula kungenza umehluko. Mhlawumbe bangagcina bebanjiwe,” kusho uPhungula.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphefumuli ngalolu daba.