ENYE yezintandokazi yezimoto zakwaVolkswagen iTiguan izoshintsha indlela ebukeka ngayo uma isitheleka eNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka.
Ingaphambili lizobe lishintshile njengoba inobhampa omusha futhi izobe inamaLED headlights kuzona zonke izinhlobo.
Izofika inezinhlobo ezintathu okuyiTiguan, Tiguan Life neTiguan R-Line.
Izinto enazo kodwa kuya ngenhlobo yakho, kubalwa amarimu aphakathi kuka-17 inch no-19 inch (20 uma uthanda), park distance control, Harmon Kardon sound system, adaptive cruise control, lane assist nokunye okuningi.
Izinjini zihlukene kathathu okuyi-1.4TSI enamandla angu-110kW netorque engu-250Nm. Inogearbox oyi-6 speed DSG.
Eyesibili ngekadizili i-2.0TDI efuqa 130kW no-380Nm kanti isebenzisa i-7 speed DSG. Eyokugcina yi-2.0 TSI ekhahlela 162kW no-350Nm. Nayo isebenzisa ugearbox oyi-7 speed DSG.
Sizokubikela ukusuka nokuhlala ngayo uma isitheleka.