KUVUKWE ngoLwesithathu sekunyuke intengo kaphethroli nodizili nokuzozwela kakhulu kubashayeli.
Njengamanje ilitha selibiza imali engaphezu kukaR21 futhi kuthiwa intengo ingase iqhubeke nokunyuka.
Isikhulu sakwaMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe impi yeRussia ne-Ukraine ingase ibe nomthelela ongemuhle entwengweni kaphethroli nodizili kwazise kunyuka intengo kawoyela ongahluziwe.
Uthe abashayeli abanamandla kulokhu kushintsha kwesimo.
Uthe nanka amathiphu angasiza ukonga:
- Lindela okungase kwenzeke phambi kwakho bese ugwema ukubhreka kungenasidingo noma ukunyathela mawala amafutha.
- Ukunciphisa isivinini ngo-20km/h kungehlisa indlela imoto yakho edla ngayo ngo-20% kwezinye izimo.
- Shayela ngendlela ephephile. Ukushintsha umzila masinya, ukunyathela amafutha mawala, ukubhreka kanzima kunyusa indlela imoto yakho edla ngayo nezindleko zokuyinakekela.
- Hlela kahle uhambo lwakho. Zama ukugwema isiminyaminya.
- Nciphisa amarevvs ebe ngaphansi kuka-3 000 rpm nokunganciphisa indlela imoto yakho edla ngayo ngo-20%.
- Ukunakekela imoto ngendlela kusiza ukonga.
- Khipha izinto ezingenasidingo. Ngisho isisindo esingango-50kg sinyusa indlela imoto edla ngayo.
- Indlela yokonga ekahle wukushayela uvale amawindi futhi ungayivulile i air-conditioner. Lokho kodwa akwenzeki njalo futhi i air-con isebenzisa uphethroli omncane kunokuvula amawindi ngoba iwindi elivuliwe lenza imoto ibambelele.
- Amasondo angafuthiwe kahle ayayithinta indlela imoto edla ngayo.