IZIMOTO zakwa-Opel sezisatshalaliswa yiPeugeot Citroen South Africa (PCSA) eNingizimu Afrika. Lokhu kuqale ngoJanuwari 1 ngo-2021.
Kwenzeka ngemuva kokuzalwa kwenkampani entsha iStellantis, lezi zinkampani zombili ezingaphansi kwayo. Phambilini i-Opel bekungeyakwaGeneral Motors (GM) kusuka ngo-1929 kuya ku-2017. Kusuka ngo-2017 bekungeyakwaGroupe PSA, kuze kuba wuJanuwari 16 lapho ingene khona ngaphansi kweStallantis.
Ukumenyezelwa kwalezi zindaba kuqondene nombiko oqinisekisiwe wokuthi i-Opel Corsa entsha, izoqala ukutholakala kule nyanga. Ifika nenjini engu-1.2 litre kaphethiloli eyi-3 cylinder enamandla angu-55kW. Uma iqhathaniswa nendala, inciphise isisindo ngo-108kg kodwa icishe ilingane nendala yize isikhala sebhuthi sisikhulu kunendala.
Intengo iqala kuR289 900.