IMOTO: FIAT 500X
IYIMOTO encane eyakhelwe ukuhamba edolobheni kodwa uzizwa sengathi uhamba ngeSUV uma ushayela iFiat 500X entsha eyethulwe kuleli sonto.
Kwethulwe iFiat 500X Cross neSport neSport EST esivuleka ukhakhayi, i-Extended Soft Top (EST). ISport neSport EST sidlise ngamasondo angu-19 inch ephuma nawo kanti iCross iphuma nangu-18 inch.
Iyimoto ongayithatha kancane uma usayibuka ezithombeni kodwa uma usuyibona bukhoma yinhle kakhulu futhi iyathandeka.
Ngesikhathi isachazwa ngimangalile uma kuvezwa intengo yayo njengoba iqala ku-R509 900 ngoba bengizitshela ukuthi yimoto encane kodwa ngibheme ngakholwa sengifika kuyona. Yinhle ngaphandle nangaphakathi. Idlise ngobuchwepheshe, ubuntofontofo yaqinisa nezokuphepha njengoba inama-airbag ayisithupha.
Emgwaqeni iyabambelela futhi ikwazi ukujika eduze, ungathuki ngisho igijima. Iyawadonsa amehlo njengoba abantu bebengananazi ukuzoyibuka uma beyibona imile bafune nokwazi intengo yayo. Ngisho usho ukuthi iqala kumalini, akekho obebabaza ngoba kuyabonakala ukuthi iyifanele usayibuka nje ungakazi ukuthi inabuphi ubuchwepheshe. ISport njengoba inokhakhayi oluvulekayo okokuqala ngqa, ukwazi ukuluvula ngisho ihamba. Uma uhamba ngejubane elingu-100km/h kuya phansi, luyavuleka kodwa luyanqaba uma usudlule kulo. Ukuluvula kuthatha imizuzwana engu-15 ngokucindezela ibhathini.
Inesteringi se-techno leather nesixube isikhumba neswedi esihlotshiswe ngesitishi esibomvu. Idashboard ihlotshiswe nge-titanium. Ngaphakathi inesikhala esanele uma uhamba nomndeni kanti nebhuthi yakhona ivulekile ukulayisha impahla.
IFiat 500X Cross iphinde igqize ngesiketi emaceleni namaroof rails namalambu ayiLED ngokunjalo namafog lights ayi-LED.
Ine-Uconnect 7” HD touchscreen okwazi ukusebenzisa iselula ukuveza inkombandlela iphinde ibe neBluetooth. Inayo ne-Apple CarPlay ne-Android Auto nama-ABS ne-Electronic Stability Control, kuphinde kube ne-hill-holder ukuze ingahlehli uma usuka endaweni ebheke phezulu neLane Assist.
Zonke zinenjini kaphethroli engu-1.4-litre nogearbox oyi-automatic six-speed DDCT. Idedela amandla angu-103kW netorque engu-230Nm. Idla amalitha angu-5.7 ebangeni elingu-100km.
Intengo:
Fiat 500X Cross R509 900
Fiat 500X Sport R560 900
Fiat 500X Sport EST R580 900
Inewarranty neroadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neservice plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km.