IMOTO: CITROEN C5 AIRCROSS
ANGIYENA umuntu okhonze izimoto zakwaCitroën kodwa ngiyithandile iCitroën C5 Aircross entsha esanda kwethulwa.
Ubuhle bayo bukukhanga uza kude uphinde ubheme ukholwe noma usungena ngaphakathi. Izihlalo zayo zesikhumba nePanoramic sunroof, kuphinde kuyenze ibe yinhle kakhulu.
Yize kuyimoto eyi-SUV ayibukeki inkulu kanti ngaphakathi inesikhala esikhulu, uhlala ukhululeke. Isiteringi sayo esincanyana sesikhumba ne-screen se-infotaiment esingu-10-inch siyenza ibe yinhle kakhulu.
Iphume iyizinhlobo ezimbili okuCitroën C5 Aircross Feel neShine esezingeni eliphezulu.
Zinenjini engu-1.6 namandla angu-121 kW kwi-Feel nakwiShine. U-gearbox uyi-6 speed auto.
Namasondo ephuma nawo angu-18 inch ayenza ibukeke kahle.
Iyi-4*2 kanti nasebhuqwini izihambela kahle ngaphandle kwenkinga. Bungichazile ubuchwepheshe bayo obuqinisekisa ezokuphepha kwayo njengoba inama-sensor amaningi.
Uma ushayela ngesivinini esikhulu iyakutshela uma kufanele ubambe isiteringi ngezandla zombili uma ungakwenzile lokho. Noma kunama-potholes emgwaqweni ohamba kuwona iyakukhombisa ukuze uqaphele. Noma ususondele kakhulu emotweni engaphambi kwakho iyasho. Emgwaqweni iyabambelela phansi futhi awushaywa wuvalo noma ngabe isigijima kakhulu.
Okungangichazanga ukuthi ezihlalweni zangaphambili kwenziwe kwaba esomshayeli kuphela esisebenza ngogesi ukusiyisa phambili noma emuva nokusilalisa. Esomgibeli sona usebenzisa isandla ukwenza konke lokho.
Okunye engingakuthandanga ukuthi uma ucindezela ibhathini lokuyi-unlocker ukwazi ukuvula isivalo sikaphethroli ngisho iduma.
Ngale kwalokho konke okunye uzokujabulela ngale moto. Ngisho izihlalo zayo zangemuva ukwazi ukuzi-adjuster ngendlela ofuna ngayo okungaba ukuthi ufuna ukuphakamisa esisodwa uma wenzela ukuhlalisa ingane noma ukuhlelisa esisodwa ngendlela ofuna ngayo. Ngaphambili inezimbobo ezimbili zoku-charger iselula.
Intofontofo futhi iyimoto ongakujabulela ukuhamba ngayo nomndeni kanti nomsakazo wayo ukhala kahle. Isiteringi sayo sinamabhathini enza ukuthi konke ukwazi ukukwenza kusona okungaba ukudlala umsakazo noma ukuphendula ucingo njengoba ineBluetooth.
Ukudayisa kwayo kuyakhomba ukuthi iyawushisa umbango ezimotweni ezinga-C-SUV njengoba isidayise izimoto ezingu-260 000 selokhu yethulwa ngo-2018.
Inamalambu ayi“V” LED okungahlukile kunamaLED ajwayelekile iphinde ibe ne-grille enkulu eyenza ibukeke kahle. Isiketi esengeziwe kuBumper ngaphambili siyenza yehluke kwendala.
Nebhuthi yayo inkulu ngokwanele njengoba ingu-720 Litres.
Ezinye izinto ezingajatshulelwa wumshayeli yi-adaptive cruise control.
Intengo:
Feel – R633 900
Shine – R683 900.
Iphuma neComprehensive Maintenance Plan okuyiminyaka emihlanu noma u-100 000km neminyaka emihlanu noma u-100 000km Warranty neRoadside Assistance.