IMOTO: TOYOTA STARLET
NGEMUVA kweminyaka emibili iToyota Starlet yaqala ukudayisa eNingizimu Afrika, sekukhona entsha ethuthukisiwe.
IStarlet isesigabeni sezimoto ezincane lapho umbango ushisa phansi khona ngezimoto, okubalwa kuzo iVW Polo, Hyundai i20, Renault Clio ukukha phezulu. NeSuzuki Baleno, iStarlet esuselwe kuyo nayo iyimbangi enkulu yayo.
Ibukeka abantu beyilandela njengeZazi zaseMpumalanga njengoba ngoJulayi kuthengwe ezingu-1 264.
Lokhu kungenxa yezinguquko ezihehayo ezenziwe kuyo. Zihlanganisa ukushintshwa kwe-grille ngaphambili nokwengezwa kwe-chrome. Amalambu ahlanganisa amaLED daytime lights. Ezinhlangothini nakhona bathe ukuyithinta futhi bashintsha namarimu angu-16 inch.
Ngemuva ine-chrome ebhuthini lapho kulunguza khona ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla. Ikhamera iyodwa akufani nakwiBaleno lapho khona kunaveza umzimba wonke ngaphandle.
Ngaphakathi ngaphambili ishintshile indlela ebibukeka ngayo. Zonke izinhlobo sezifika ne-touchscreen infotainment system njengakule esihamba ngayo. Ukwazi ukuxhuma iselula ngeBluetooth, Apple CarPlay noma nge-Android Auto. Kulesi screen kuvela nokuthi uphethroli osele ungakanani nosuku. Kushoda ukuthi kuvele igama lesiteshi hhayi ukuthi sivele ngokwenombolo ye-frequency.
Kunendawo yokushaja nge-USB nezinye ezimbili ngemuva.
Esiteringini kunamabhathini okubamba iselula kanjalo nele-cruise control. I-instrument cluster umshayeli abhekana nayo iveza uphethroli osele, ukuthi idla kangakanani nokunye.
Amabhathini e-automatic climate control aseqoqekile, okwenza ingaphambili libukeke kahle. Okunye enakho yiWi-Fi ngaphakathi, izibuko ezihlelwa ngogesi futhi ezigoqekayo namawindi kagesi.
Okuhle ngayo yindlela enesikhala ngayo ngaphakathi ngoba abagibeli ibalayisha bahlale bangasokoli. Ibhuthi ingu-314 litres, okuthi uma ulalise izihlalo ibe ngaphezulu kancane kuka-1 000 litres.
Okunye okushintshile yinjini njengoba kukhishwe engu-1.4 litre esikhaleni sayo kwafakwa engu-1.5 litre kaphethroli. Le njini esebenza nakwi-Urban Cruiser ayinayo i-turbo.
Amandla asenyukile njengoba engu-77kW ne-torque engu-138Nm. Igearbox iyi-4 speed automatic kodwa ikhona neyi-5 speed manual.
Lo gearbox wenza ukuhamba ezindaweni eziphithizelayo kungabi yinto enzima ngoba ushintsha kahle, uze ukhalele amanye amagiya emgwaqweni ovulekile. U-120km/h iwubamba ngo-3 000rpm okuyinto engehla ukube kunelinye igiya. Nokudlula enye imoto kumele ukukale kahle isadonsa amandla.
Okuhle kodwa wukuthi iyonga ngoba ngo-100km ibidla amalitha angu-5.7 njengokusho kwabakhi bayo.
Nendlela ehamba ngayo ayikhalisi, ayizweli kangako futhi nomsindo wangaphandle awumkhulu. Injalo nje iyakusiza ukuthi ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo, ama-airbag ayisithupha, ABS, EBD neVehicle Stability Control.
Intengo:
Starlet 1.5 Xr AT - R 313,300
Ifika ne-service plan yamasevisi amathathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.