UMA kukhulunywa ngobuhle, iPeugeot 2008 izibhincisela nganxanye izimbangi ngoba yakhiwe yaheha.
Ngivula le ndaba ngobuhle yingoba yiyona nto yokuqala ekuhehayo uma uyipha amehlo.
Ngaphandle kwemibala egqamile enayo, njengalona oluhlaza okwesibhakabhaka kodwa bayiphice kahle njengoba ishaya ngama-criss ezinhlangothini aze ayophuma ngemuva.
Ngaphambili, i-grille inkulu ephicwe nge-chrome bese iba namaLED daytime running lights ayenza igqame emini. Namaheadlight angamaLED futhi azikhanyisa kakhulu uma kumnyama aphinde adime uma kuqhamuka enye imoto.
Nangemuva amalambu angamaLED bese iba nokhakhayi olumnyama olunama-roof rails futhi ihamba ngamasondo anamarimu angu-17 inch.
Ubuhle buyaqhubeka ngaphakathi lapho kunezihlalo ezintofontofo ezizishaya sasikhumba. Phakathi nendawo ine-screen esikhulu okuyilapho ukwazi ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay phakathi kokunye. Engikuthandayo ukuthi inezimbobo ezimbiili zokushaja iselula ngaphambili nezinye ngemuva okwenza ningabangi ukushaja.
Isiteringi sincane futhi kbuye kube nzima ukuthola indawo ekahle yokuhlala nokusihlela ngoba uvele usitheke i-digital cockpit yakhona eyi3D. Le cockpit iveza yonke imininingwane ngemoto nenkombandlela futhi ngisho ngabe useceleni uyakwazi ukuyibona kahle.
Uma uciphiza ibhathini lokuyidumisa usuhamba, ushintsha igiya elizishintshayo, uye lapho ofuna khona. Uma uhlehla iveza ikhamera kwi-screen ukuze ungashayisi.
Injini ingu-1.2 litre enamandla angu-96kW netorque engu-230Nm. Ithangi likaphethroli lingu-44 litres kanti ibiphuza amalitha angu-7.9 ngesikhathi sihamba ngayo.
Uma ususemgwaqeni uyizwa ngokuduma ukuthi inama-cylinder amathathu lokho okungasho ukuthi inamandla amancane njengoba iyithwala kahle. Inqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli njengokubika uma kukhona imoto eceleni kwi-blind spot, cruise control, active safety brake, iyasho uma umshayeli engasanakile, ine-hill start assist, nokunye.
IPeugeot yiSUV encane okungamele nakancane ishaywe indiva futhi ephelele ngoba yinhle futhi, inesikhala esikahle sempahla nabagibeli futhi emgwaqweni ihamba kamnandi.
Intengo
Peugeot 2008 GT
R479 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km